Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 14:1 - IsiZulu 2020

1 “Ningabantu bakaSimakade uNkulunkulu wenu; aniyukuzisika, aniyukuwaphuca amashiya enu ngenxa yofileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Ningabantwana bakaJehova uNkulunkulu wenu; aniyikuzisika, ningaziphuculi phezu kwamehlo enu ngenxa yabafileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ningabantwana beNkosi uNkulunkulu wenu; akumelwe nizinqume futhi ningenzi mpandla phakathi kwamehlo akho ngenxa yofileyo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 14:1
29 Referans Kwoze  

Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuJesu Khristu.


Lokhu kusho ukuthi akusibo abantwana ngokwenyama abangabantwana bakaNkulunkulu, kodwa labo abangabantwana besithembiso, yibo ababizwa ngabolibo.


“ ‘Abayukuphuca amakhanda abo emaceleni, noma baphuce izilevu emaceleni, abayukugcaba imizimba yabo.


Lokhu kuyokwenzeka endaweni lapho kwathiwa kubo: ‘Anisibo abantu bami,’ lapho bayakubizwa ngokuthi: ‘Abantwana bakaNkulunkulu ophilayo.’ ”


Ngokuba kwakumfanele Yena, okukhona konke ngenxa yakhe, futhi okukhona ngaye, ukuba lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko lowo oyisiqalo sensindiso yabo.


Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.


Kepha bonke abamemukelayo, labo abakholwa egameni lakhe, wabapha igunya lokuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu,


“Kepha abantu bakwa-Israyeli bayakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nakubalwa. Lapho bekuthiwa khona kubo: ‘Aniseyibo abantu bami,’ kuyakuthiwa kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’


kwafika amadoda angama-80 evela eShekhemi, eShilo, naseSamariya egunde izilevu zawo, nezingubo zawo ziklejuliwe, nawo ezisikile uqobo, ephethe ngezandla zawo iminikelo yokusanhlamvu nempepho ukuzokunikela endlini kaSimakade.


“Izikhulu nabantukazana bayofela kuleli lizwe, abayukungcwatshwa, abayukulilelwa. Abantu abayukuzisika, abayukuwaphuca amakhanda ngenxa yabo,


Ngalokho-ke bayabonakala abangabantwana bakaNkulunkulu nabangabantwana bakasathane; lowo ongakwenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.


ngibe nguYihlo, nina nibe ngamadodana, namadodakazi ami,” kusho iNkosi uSomandla.


kungesona isizwe nje kuphela, kodwa ukuba aqoqele ndawonye abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekileyo, babe munye.


“Mina bengicabanga ukuthi: “ ‘Ngizakukubeka kanjani phakathi kwabantu, ngikuphe izwe elinxanelekayo, ifa elihle kakhulu ezizweni!’ Ngathi niyakungibiza nithi: ‘Baba,’ ningaguquki ekungilandeleni.


Ngalezo zinsuku nasemveni kwazo, kwaba khona iziqhwaga emhlabeni. Amadodana kaNkulunkulu alala namadodakazi abantu, awazalela abantwana. Baba ngamaqhawe asendulo, adumileyo.


amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, aziqokela abafazi phakathi kwawo.


Ngalokho siyazi ukuthi siyabathanda abantwana bakaNkulunkulu, nxa sithanda uNkulunkulu, senza imiyalo yakhe.


Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba.


IGaza iyakuba nempandla, i-Ashikeloni lishabalele, wena nsali yensali yesigodi sabo, uyakuzisika kuze kube nini na?


abangaba-Israyeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo; izivumelwano, ukumiswa komthetho, inkonzo, nezithembiso;


uma nililalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu ukuba nigcine yonke imiyalo yakhe enginiyala ngayo namuhla, nenze okulungile emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wenu.”


Bamemeza ngezwi elikhulu, bazisika ngemimese nangemikhonto ngokomthetho wabo, kwaze kwatshaza igazi kubo.


Ngabe nimbonga kanjalo uSimakade, na? Nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile, akasiye yini uyihlo anidalwanga nguye wanenza, wanimisa, na?


Ngokuba Wena unguBaba, nakuba u-Abhrahama engasazi, no-Israyeli engasivumi, kodwa Wena Simakade unguBaba; igama lakho unguMhlengi wethu waphakade.


Bayakuza bekhala, bekhuleka; lapho ngibabuyisa, ngiyakubaholela emifuleni yamanzi, ngendlela eqondileyo abangayukukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite