Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 13:16 - IsiZulu 2020

16 Yonke impango yawo uyoyiqoqela phakathi nesigcawu sawo, uwushise ngomlilo, nayo yonke impango yawo, kube ngumnikelo wokushiswa kuSimakade uNkulunkulu wakho, umuzi ube yincithakalo yaphakade, ungabe usavuselelwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Uyakuyibuthela yonke impango yawo phakathi nesigcawu sawo, uwushise umuzi ngomlilo, nayo yonke impango yawo, ibe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova uNkulunkulu wakho, ube yinxiwa njalo, ungabe usakhiwa futhi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kumelwe ubuthe yonke impango yawo phakathi nesigcawu sawo futhi uwushise ngomlilo umuzi nayo yonke impango yawo kuJehova uNkulunkulu wakho; futhi kuyoba ithemba kuze kube phakade; ngeke kuphinde kwakhiwe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 13:16
13 Referans Kwoze  

Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi eRabha labakwa-Amoni. Liyophenduka indunduma yencithakalo, imizana yalo ishiswe ngomlilo; u-Israyeli uyokwephuca labo ababedle ifa lakhe,” kusho uSimakade.


Ngakho-ke uJoshuwa walishisa i-Ayi, walishiya liyindunduma yencithakalo kuze kube namuhla.


Ngokuba umuzi uwuphendule imvithi, umuzi obiyelweyo waba yincithakalo; umuzi wabafokazi awuseyiwo umuzi, awusoze wakhiwa kabusha nanini.


Isiphrofetho ngeDamaseku. “Yazini ukuthi iDamaseku liyoshatshalaliswa, lingabe lisaba ngumuzi, libe yinxiwa nencithakalo.


Bawushisa ngomlilo wonke umuzi, nakho konke okwakukuwo, ngaphandle kwesiliva negolide nezimpahla zethusi nezensimbi okwafakwa endlini yengcebo kaSimakade.


Ngiyakwenza iSamariya libe yindunduma yemvithi yasendle, libe yindawo yokutshala imivini. Ngithululele amatshe alo esigodini, ngivumbulule izisekelo zalo.


Ngaleso sikhathi uJoshuwa wenza lesi sifungo wathi: “Makaqalekiswe phambi kukaSimakade lowo oyozama ukwakha lo muzi iJerikho. Obeka isisekelo salo uyakulahlekelwa yizibulo lakhe, ovuselela amasango alo uyakulahlekelwa yindodana yokugcina.”


Uyozishisa ngomlilo izithombe ezibaziweyo zonkulunkulu bazo; ungalifisi isiliva noma igolide elikuzo, awuyukuzithathela lona, funa libe wugibe kuwe, ngokuba lokho kuyanengeka kuSimakade uNkulunkulu wakho.


Awuyukungenisa into eyisinengiso endlini yakho, funa nawe umiselwe ukubhujiswa njengayo; uyakuyenyanya nokuyenyanya, unengwe nokunengwa yiyo, ngokuba iyinto yokubhujiswa.”


Ngiyakukwenza ube yidwala elingenalutho, indawo yokwendlala amanetha; awusayukwakhiwa kabusha futhi, ngokuba Mina Simakade ngikhulumile,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


“Lowo olala nesilwane, makabulawe.


Baphokophelela ukubhubhisa ngenkemba konke okwakulowo muzi, abesilisa nabesifazane, abancane nabadala, izinkomo nezimvu, nezimbongolo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite