Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 13:1 - IsiZulu 2020

1 “Uma kuba khona umphrofethi phakathi kwenu, noma ophupha amaphupho, anitshele isibonakaliso nesimangaliso,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Uma kuvuka phakathi kwakho umprofethi, noma umphuphi wamaphupho, akunike isibonakaliso nesimangaliso,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Uma kuvela phakathi kwenu umprofethi noma umphuphi wamaphupho, aninike isibonakaliso nesimangaliso,

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 13:1
27 Referans Kwoze  

Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa bahloleni omoya ukuthi ngabe bangabakaNkulunkulu yini. Ngokuba baningi abaphrofethi bamanga abaphumele ezweni.


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maningakhohliswa ngabaphrofethi benu abaphakathi kwenu, nababhuli benu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo.


Kepha nina ningabalaleli abaphrofethi benu, ababhuli benu, namaphupho enu, nabahlola imihlola phakathi kwenu, nabalumbi benu abakhuluma kini, bethi: ‘Aniyukuyikhonza inkosi yaseBhabhele,’


Impunga nophakemeyo bayikhanda, umphrofethi ofundisa ngamanga ungumsila.


Umphrofethi wayesethi kuye: “Nami ngingumphrofethi njengawe, kodwa kukhulume ingelosi kaNkulunkulu, yathi: ‘Mbuyise nawe, eze endlini yakho ukuze athole isinkwa, aphuze namanzi.’ ” Kepha umphrofethi wayeqamba amanga.


Ukufika kwalowo ongenamthetho kuyacaca emsebenzini kaSathane, osebenza ngawo onke amandla, nangezibonakaliso, nezimangaliso ezingamanga,


Maye, kinina nonke abantu abakhuluma kahle ngani, ngokuba oyise benza kanjalo kubaphrofethi mbumbulu.


Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze, uma kungenzeka, badukise abakhethiweyo.


Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga. Bayakuveza izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, abakhethiweyo.


Kuyakuvela abaphrofethi mbumbulu abaningi, badukise izindimbane zabantu.


“Xwayani abaphrofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.


“Kuyakuthi ngalolo lusuku kube yilowo nalowo mphrofethi abe namahloni ngombono wakhe. Abayukuyigqoka ingubo enoboya ukuze bakhohlise.


Ngokuba amatherafi akhulume inkohliso, ababhuli babona imibono eyedukisayo, bakhuluma ngamaphupho angamanga, baduduza ngokuyize. Ngakho-ke bazulazula njengezimvu, bayahlupheka, ngokuba bengenamelusi.


Ngakho anisayukukubona okuyize, anisayukubhula. Ngiyakubahlenga futhi abantu bami esandleni senu, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.” ’ ”


“Abaphrofethi nabaphristi bangcolile, nasendlini yami ngithole inkohlakalo yabo,” kusho uSimakade.


“Kusukela ezinganeni kuya kwabadala bakhona, bonke bazuza inzuzo engafanele, nabaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.


Kepha kwakukhona nabaphrofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba naphakathi kwenu kuzokuba khona abafundisi bamanga abazongenisa ngesinyenyela izimfundiso ezidukisayo nezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bazilethele ukubhujiswa okusheshayo.


Uyakuthi kuShemaya waseNehelamu:


Kepha umphrofethi oyozitshela ukuthi ukhuluma izwi eGameni lami, ngibe ngingamyalanga ukuba akhulume, noma okhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mphrofethi uyakufa.’


Bheka, ngimelene nabaphrofethi abaphupha amanga,” kusho uSimakade, “bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangobudedengu babo. Mina-ke angibathumanga, angibayalanga, futhi ababasizanga ngalutho laba bantu,” kusho uSimakade.


‘USimakade ukubeke umphristi esikhundleni sikaJehoyada, umphristi, ukuba nibe ngabaqaphi babo bonke abantu abahlanyayo nabaphrofethayo endlini kaSimakade, ukuze ubafake ejele nasemaketangweni.


“Manje-ke, Israyeli, yizwani izimiso nezehlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona.


Aniyukuthasisela ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyukunciphisa lutho kulo, kodwa gcinani imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.


Lowo muntu kaNkulunkulu wabuya nalowo mphrofethi, wafika endlini yakhe wadla isinkwa, waphuza namanzi.


Ungenezeli emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite