Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 12:5 - IsiZulu 2020

5 Kepha indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha, kuzo zonke izizwe zenu, ukuba abeke igama lakhe lihlale kuyo, leyo ndawo niyakuyifuna, niye kuyo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo, leyo ndlu yakhe niyakuyifuna, nize kuyo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kodwa endaweni uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba amise igama lakhe kuyo, ngisho nalapho ehlala khona kumelwe nifune, futhi niyofika lapho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 12:5
50 Referans Kwoze  

Kuyokuthi indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale kuyo igama lakhe, nikuyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wokuphakanyiswa womkhiqizo wenu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa uSimakade.


Uyothatha ulibo lwezithelo zonke zomhlabathi oyoluvuna ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


USimakade wabonakala kuSolomoni ebusuku, wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngiyikhethile le ndawo ukuba ibe ngeyami, ibe yindlu yomhlatshelo.


Uyonikela ngephasika kuSimakade uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uSimakade ayoyiqokela ukuba kuhlale kuyo igama lakhe.


ukuba amehlo akho ayibheke le ndlu ubusuku nemini, indawo owathi ngayo: ‘Igama lami liyakuba khona lapho,’ ukuze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo.


Kepha yaqoka isizwe sakwaJuda, intaba iZiyoni eyithandayo.


Xwaya ukuba unganikeli ngeminikelo yakho yokushiswa ezindaweni zonke ozibonayo,


Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba konke ukuphelela kukaNkulunkulu.


“Kepha uNkulunkulu uyakuhlala ngempela yini emhlabeni na? Ngisho izulu nezulu lamazulu alinakukumumatha; pho ibiyini-ke le ndlu encane engiyakhileyo na?


“USimakade uliqinisile izwi alikhulumayo, ngokuba mina ngingenile esikhundleni sikaDavide, ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kukaSimakade, ngilakhele indlu igama likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


‘Kusukela ngosuku engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibhithe, angikhethanga muzi ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, kepha ngamkhetha uDavide ukuba abuse abantu bami u-Israyeli.’


Kepha nize entabeni iZiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, izigidigidi zezingelosi embuthanweni womkhosi,


Kwathi lapho uMose engena ethendeni lokuhlangana ukuyokhuluma noSimakade, wezwa izwi likhuluma naye livela phezu kwesihlalo somusa ngaphezu komphongolo wobufakazi phakathi kwamakherubhi amabili, wakhuluma naye.


UDavide wayesethi: “Le yindlu kaSimakade uNkulunkulu, leli yi-althare lomnikelo wokushiswa ka-Israyeli.”


URehobhowamu, indodana kaSolomoni, wabusa kwaJuda. URehobhowamu wayeneminyaka engama-40 eqala ukubusa. Wabusa iminyaka eli-17 eJerusalema, umuzi uSimakade ayewukhethe phakathi kwazo zonke izizwana zakwa-Israyeli, ukuba abeke kuwo iGama lakhe. Igama likanina kwakunguNahama, wakwa-Amoni.


Inhlangano yonke yakwa-Israyeli yayisihlangana eShilo, yamisa lapho ithende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwayo.


Ngiyohlangana nawe lapho, ngikhulume nawe ngiphezu kwesihlalo somusa naphakathi kwamakherubhi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngiyakukuyala ngakho konke oyakukukhuluma kubantu bakwa-Israyeli.”


Kodwa kusukela ngalolo lusuku uJoshuwa wabenza abathezi bezinkuni nabakhela ibandla lonke ne-althare likaSimakade amanzi. Lona ngumsebenzi abasaqhubeka ukuwenza nanamhlanje endaweni aziqokele yona uNkulunkulu.


USimakade ungamandla ami nesivikelo sami, uyinsindiso yami, lona nguNkulunkulu wami, ngizokumtusa, nguNkulunkulu kababa, ngizokumphakamisa.


Ngabona: nanto iWundlu limi entabeni iZiyoni, likanye nabayizi-144 000, belotshiwe igama lalo negama likaYise emabunzini abo.


Niyakungakhela i-althare ngomhlabathi, nenze phezu kwalo imihlatshelo yokushishwa neyokuthula, ngezimvu nezinkomo zenu, kuzo zonke izindawo lapho ngenza khona ukuba igama lami likhunjulwe, ngiyakuza nginibusise.


“Nina aniyukwenza kanjalo kuSimakade uNkulunkulu wenu.


Khona niyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, endaweni ayoyikhetha uSimakade uNkulunkulu wenu. Kuleyo ndawo, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, nomLevi ohlala emzini wakho, niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu ngayo yonke imikhiqizo yenu.


Uyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho endaweni ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kokusanhlamvu kwakho, okwewayini lakho, okwamafutha akho, okwamazibulo ezinkomo zakho, nokwezimvu zakho, ukuze ufunde ukumesaba njalo uSimakade uNkulunkulu wakho.


Uma indlela iyinde kakhulu kuwe ukuba ungakwazi ukukuthwala, nendawo lapho uSimakade uNkulunkulu wakho akhethe ukubeka kuyo igama lakhe ikude kakhulu kuwe, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekubusisa,


Wena nabendlu yakho, niyolidla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, iminyaka ngeminyaka, endaweni uSimakade ayakuyikhetha.


kodwa niyokulihlabela endaweni uSimakade uNkulunkulu wenu ayoyiqokela ukuba igama lakhe lihlale kuyo. Niyolihlabela lapho iphasika ekushoneni kwelanga kusihlwa, ngesikhathi owaphuma ngaso eGibhithe.


“Uma kuba khona indaba okumele uyehlulele, kodwa ikwehlule ukuyehlulela, kungaba iphakathi kwegazi nokuphathelene nalo, phakathi kwecala nokuphathelene nalo, ukushaya nokulimaza, kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho, ubosuka uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha.


lapho wonke u-Israyeli eze ukubonakala phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho endaweni Yena ayoyikhetha, uyofunda lo mthetho phambi kuka-Israyeli wonke elalele.


Abakwa-Israyeli bezwa ukuthi abakwaRubeni, abakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase bakhe i-althare malungana neKhanani ezifundeni ezingaseJordani, ohlangothini lwabakwa-Israyeli.


UJeshuwa, indodana kaJozadaki, nabanye abaphristi noZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, balakha kabusha i-althare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuze kunikelwe phezu kwalo iminikelo yokushiswa, njengoba kulotshiwe emthethweni kaMose, umuntu kaNkulunkulu.


UNkulunkulu owenza ukuba igama lakhe lihlale lapho, sengathi angasusa esikhundleni noma yiyiphi inkosi nesizwe okuzama ukuguqula lokhu, noma ukubhubhisa le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Mina Dariyu, ngishaye lo mthetho; mawuhlonishwe ngokucophelela.”


Niyisebenzise ngokucophelela leyo mali, nithenge izinkunzi, izinqama, amawundlu, iminikelo yokusanhlamvu neminikelo yokuphuzwayo, nikunikele e-althare endlini kaNkulunkulu wenu eJerusalema.


Ngizokwenza kule ndlu ebizwa ngeGama lami nenithembela kuyo, nakule ndawo enganinika yona, nina nokhokho benu, njengalokhu ngenza eShilo.


“Usho kanje uSimakade, uthi: yima egcekeni lendlu kaSimakade, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza izokhuleka endlini kaSimakade, wonke amazwi engikuyale ukuba uwakhulume kubo, ungagodli nalinye izwi.


engayilethanga emnyango wethende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaSimakade ngaphambi kwethabanakeli likaSimakade, lowo muntu uyakubekwa icala legazi, ngokuba uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.


Uyolipheka, ulidle endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha, bese uphenduka ekuseni ubuyela emathendeni akho.


Uyokwenama phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi ohlala emzini wakho, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala phakathi kwenu, uyokwenza lokhu endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale khona.


Uyogcina umkhosi kuSimakade uNkulunkulu wakho izinsuku eziyisikhombisa, endaweni uSimakade ayoyikhetha, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uyokuwubusisa wonke umkhiqizo wakho, nawo wonke umsebenzi wezandla zakho, uthokoze kakhulu.


“Uma umLevi eshiya noma yimuphi wemizi yenu yonke yakwa-Israyeli, lapho kade ehlala khona, aye endaweni ayakuyikhetha uSimakade,


Uma laba bantu beqhubeka benyuka beyonikela imihlatshelo endlini kaSimakade eJerusalema, inhliziyo yalaba bantu ingahle iphindele enkosini yabo, uRehobhowamu, inkosi yakwaJuda, bangibulale mina, babuyele kuRehobhowamu, inkosi yakwaJuda.”


Kepha uma nithi kimi: “Siyamethemba uSimakade uNkulunkulu wethu;” akusiye yini ozindawo zakhe eziphakemeyo nama-althare akhe uHezekiya akususile, wathi kuJuda nakulo iJerusalema: “Niyakukhuleka phambi kwaleli althare eJerusalema na?”


kodwa uma nibuyela kimi, nibuye nigcine imithetho yami, nenze enganiyala ngakho, ngiyoniqoqa lapho nikhona, nginibuyisele endaweni engayiqokela ukuba iGama lami lihlale kuyo, ngisho noma ngabe nisemikhawulweni yomhlaba.’


“ ‘Kepha ake nihambe niye endaweni yami eShilo, lapho ngaqala khona ukubeka iGama lami, nibone engakwenza kuyo ngenxa yobubi babantu bami, u-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite