Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 12:28 - IsiZulu 2020

28 Qaphelani, ukuba niwezwe wonke lawa mazwi enginiyala ngawo ukuze kube kuhle kini nakubantwana benu eniyobazala kuze kube phakade, ngokuba niyobe nenza okuhle nokulungile emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Qaphela, uzwe onke lawa mazwi engikuyala ngawo ukuba kube kuhle kuwe nakubantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, lapho wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Lalela, uzwe wonke lawa mazwi engikuyala ngawo, ukuze kukuhambele kahle wena nabantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, uma nenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 12:28
15 Referans Kwoze  

Nina ningabangani bami, inqobo nje uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe.


Uyogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuze kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, ukuze zande izinsuku zakho ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, kuze kube phakade.”


Nina senihlanzekile ngenxa yezwi engilikhulume kini.


“ ‘ “Inceku yami, uDavide, iyakuba yinkosi, ibabuse, bonke babe nomelusi oyedwa, bayakuhamba ezehlulelweni zami, bazigcine izimiso zami, futhi bazenze.


ukuze baqaphele ukugcina izimiso zakhe nemithetho yakhe. Haleluya!


Ngathi: “Ngiyakunxusa Simakade, Nkulunkulu wezulu, Wena omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nothando olungenambandela kulabo abakuthandayo, begcina imithetho yakho.


“Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njengoba kuhambe uDavide, uyihlo, ukwenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso nezehlulelo zami,


“Qaphela mayelana nesifo sochoko, uqaphelisise impela, wenze konke njengalokhu abaphristi abangabaLevi bezokufundisa. Uqaphele ukuba wenze njengalokhu ngibayalile.


Ningalidli ukuba kube kuhle kini nakubantwana benu emva kwenu, ngokuba niyobe nenza okulungile emehlweni kaSimakade.


“ ‘Niyozigcina zonke izimiso zami, nizenze zonke izehlulelo zami; nginguSimakade.’ ”


Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla. Uyabona-ke, ngizowaxosha phambi kwakho ama-Amori, amaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaHivi namaJebusi.


Niyohamba njalo endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile futhi kube kuhle kini, zande izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.”


Noma isoni singona kaningi, siphile isikhathi eside, nokho ngiyazi ukuthi kuzobahambela kahle abamesabayo uNkulunkulu, ngoba bahamba ngokwesaba phambi kwakhe.


ama-Avi enza uNibhihazi noTharithaki, amaSefarivayimi ashisa abantwana bawo emlilweni ka-Adirameleki no-Anameleki, okwakungonkulunkulu baseSefarivayimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite