Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 11:22 - IsiZulu 2020

22 “Uma niyigcina nokuyigcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, ukuba nimthande uSimakade uNkulunkulu wenu, nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nithande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ezindleleni zakhe zonke, ninamathele kuye;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 11:22
13 Referans Kwoze  

“Kuyothi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla, ukuba nimthande uSimakade uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,


Niyakugcina ngokucophelela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.


Uyomesaba uSimakade uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.


manje sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo lusuku iNkosi, umehluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kodwa bonke abakuthandile ukubonakala kwayo.


Esefikile, wabona umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabagqugquzela bonke ukuba bazinikele ngenhliziyo, banamathele eNkosini.


UJesu wathi kuye: “ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.’


umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kuwe nobude bezinsuku zakho, uyohlala ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, ukuthi uyakubanika lona.”


Ngakho-ke indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.


“Ngakho-ke uyomthanda uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine imithetho yakhe, izimiso zakhe, izehlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.


Ngibambelele ebufakazini bakho; ungangijabhisi, Simakade.


uyoyigcina yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba uyenze, ukumthanda uSimakade uNkulunkulu wakho, ukuhamba nsuku zonke ngezindlela zakhe, uyozithasiselela futhi ngeminye imizi emithathu ngaphezu kwalena emithathu ekhona,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite