Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 11:21 - IsiZulu 2020

21 ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana bakho ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho ukuthi uzobanika lona, inqobo nje uma umkhathi usephezu komhlaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana benu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona, njengezinsuku zezulu phezu komhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ukuze izinsuku zenu nezinsuku zabantwana benu zande ezweni uJehova alithembisa oyihlo ngesifungo ukubanika lona, njengezinsuku zezulu emhlabeni.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 11:21
13 Referans Kwoze  

Yizwa ndodana yami, wemukele amazwi ami khona iminyaka yokuphila kwakho iyoba miningi.


khona iyakwenezela kuwe izinsuku, neminyaka yokuphila nokuthula.


Izinsuku zakho ziyokwanda ngami, kwenezelwe neminyaka yokuphila kwakho.


Bayakwesaba Wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane.


Uyogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuze kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, ukuze zande izinsuku zakho ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, kuze kube phakade.”


Ubusisiwe, futhi ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala. Kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kodwa bayakuba ngabaphristi bakaNkulunkulu nabakaKhristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.


“Kusukela lapho akusayukuba khona usana oluyophila izinsukwana, nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo, ngokuba oyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala, uyothathwa njengobesemusha; nalowo ofa engayihlanganisanga iminyaka eyikhulu, kuyakuthiwa uqalekisiwe.


Impilo ende isesandleni sakho sokunene, kwesokhohlo sakho kukhona ingcebo nodumo.


“ ‘Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekuyalile, ukuze izinsuku zakho zibe zinde, kube kuhle kuwe ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


ukuze umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.


nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uSimakade afunga ngalo kokhokho benu ukubanika lona nezizukulwane zabo, izwe elichichima ubisi noju.


“Uma abantwana bakhe bewushiya umthetho wami, bengahambi ngezehlulelo zami,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite