Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 10:5 - IsiZulu 2020

5 Ngaphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokhu uSimakade engiyalile.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokho uJehova ebengiyala.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngaphenduka, ngehla entabeni, ngafaka izibhebhe emphongolweni engawenza; futhi akhona, njengoba nje iNkosi ingiyalile.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 10:5
10 Referans Kwoze  

Wathatha izibhebhe ezimbili zamatshe wazifaka emphongolweni. Wafaka izingongolo emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.


Ngesikhathi uMose ehla entabeni iSinayi ephethe izibhebhe ezimbili zobufakazi esandleni sakhe, wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula, ngokuba wayekade ekhuluma noSimakade.


UJoshuwa wamisa amanye amatshe ali-12 phakathi nomfula iJordani, endaweni lapho izinyawo zabaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano zazimi khona. Asekhona lapho kuze kube namuhla.


Ngiyoloba ezibhebheni amazwi ayekulezo zibhebhe zokuqala owazephulayo, bese uzifaka emphongolweni.’


“Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, intaba yayivutha umlilo; izibhebhe ezimbili zesivumelwano zazisezandleni zami zombili.


UMose waphenduka, wehla entabeni ephethe ezandleni zakhe izibhebhe ezimbili zesivumelwano ezazibhalwe nxazombili, zibhalwe ngaphambili nangemuva.


Uyofaka emphongolweni izibhebhe zamatshe engizokunika zona.


Uyosibeka isihlalo somusa phezu komphongolo, ufake phakathi izibhebhe zamatshe engizokunika zona.


Wahlala lapho noSimakade izinsuku ezingama-40, nobusuku obungama-40, akadlanga lutho, futhi akaphuzanga manzi. Wabhala ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo elishumi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite