Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 10:22 - IsiZulu 2020

22 Okhokho bakho babengama-70 ngesikhathi behlela eGibhithe; manje uSimakade uNkulunkulu wakho ukwenzile waba lukhumbintethe ngangezinkanyezi zezulu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Oyihlo behla, baya eGibithe bengabantu abangamashumi ayisikhombisa; manje uJehova uNkulunkulu wakho ukwenzile ube ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Oyihlo behlela eGibhithe namadoda angamashumi ayisithupha; manje uJehova uNkulunkulu wakho unenze ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 10:22
14 Referans Kwoze  

Amadodana kaJosefa azalelwa eGibhithe aba mabili, ngakho-ke bonke abendlu kaJakobe abaya eGibhithe babengama-70.


Sebebonke abaphuma okhalo lukaJakobe babengabantu abangama-70. UJosefa wayevele eseseGibhithe.


Wayesemkhiphela phandle wathi: “Bheka esibhakabhakeni ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wayesethi kuye: “Iyakuba ngako inzalo yakho.”


USimakade uNkulunkulu wenu usenandisile, kangangokuthi namuhla senilukhumbintethe, ningangezinkanyezi emkhathini.


Izizukulwane zabo wazandisa njengezinkanyezi esibhakabhakeni, waziletha ezweni owawulethembise okhokho bazo ukuthi ziyongena kulo, zilidle.


Noma nanibaningi ngangezinkanyezi zezulu, niyakushiywa niyingcosana, ngokuba awulalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho.


UJosefa wathumela, walanda uyise uJakobe nabo bonke abakubo, abantu abangama-75.


Sebebonke abantu bakwa-Israyeli ababalwayo babeyizi-601 730.


Ngakho-ke koyedwa, owayesefana nonjengosewafa, kwavela abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.


Sebebonke abaLevi besilisa kusukela konenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babeyizi-23 000. Bona ababalwanga nabesilisa bakwa-Israyeli, ngoba babengezukuthola sabelo esizoba yifa labo ezweni. Ababelwanga ifa kwabakwa-Israyeli.


ngizokubusisa impela, ngiyokwenza izizukulwane zakho zibe ziningi njengezinkanyezi esibhakabhakeni, nanjengesihlabathi ogwini lolwandle. Izizukulwane zakho ziyakunqoba izitha zazo, zidle nemizi yazo,


Wena uyophendula phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Ukhokho wami wayengumAramu owayezulazula, wehlela eGibhithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe esikhulu khona, esinamandla nesiningi.


Bonke abantu abangena eGibhithe noJakobe, abavela okhalo lwakhe ngaphandle kwabafazi babo, babengama-66.


USimakade uNkulunkulu wokhokho benu makanithasisele kayinkulungwane, anibusise njengalokhu angitshela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite