Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 10:2 - IsiZulu 2020

2 Ngiyoloba ezibhebheni amazwi ayekulezo zibhebhe zokuqala owazephulayo, bese uzifaka emphongolweni.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngiyakuloba ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphula, uzifake emphongolweni.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngizobhala ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazephula, futhi kumelwe uwafake emphongolweni.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 10:2
9 Referans Kwoze  

Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezazibekwe khona nguMose eHorebhe, lapho uSimakade enza khona isivumelwano nabantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe.


Kwakukhona kuyo i-althare legolide lempepho, kanye nomphongolo wesivumelwano owawuhuqwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo isitsha segolide esasiphethe imana, induku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano.


Ngaphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokhu uSimakade engiyalile.”


Wamemezela kini isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisigcine, imiyalelo elishumi ayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.


Wathatha izibhebhe ezimbili zamatshe wazifaka emphongolweni. Wafaka izingongolo emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.


USimakade wathi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe zifane nezokuqala. Ngizobhala kuzo amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazephulayo.


Umphongolo wawungenalutho, ngaphandle kwezibhebhe zamatshe ezimbili ezazibekwe khona nguMose eHorebhe, ngesikhathi uSimakade enza isivumelwano nabantu bakwa-Israyeli, ekuphumeni kwabo eGibhithe.


Kuthe esesondele enkanjini, wabona ithole nokusina, wathukuthela wagana unwabu, wazilahla phansi izibhebhe ayeziphethe, wazephula phansi kwentaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite