Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 10:18 - IsiZulu 2020

18 Izintandane nomfelokazi ubenzela ubulungiswa. Uyathanda umfokazi, umnika ukudla nezingubo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Uyenza ukwahlulela kwezintandane nokomfelokazi, uyathanda umfokazi ngokumnika ukudla nezingubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Uyahlulela intandane nomfelokazi, uthanda umfokazi ngokumnika ukudla nezingubo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 10:18
19 Referans Kwoze  

USimakade uyabavikela abafokazi, asize intandane nomfelokazi, kodwa abhuntshise indlela yezikhohlakali.


UnguYise wezinkedama, nomvikeli wabafelokazi; unguNkulunkulu osendaweni yakhe yokuhlala engcwele.


Zishiye izintandane zakho, Mina ngizozigcina ziphilile; abafelokazi bakho mabethembele kimi.”


Fundani ukwenza okuhle, nifune ubulungiswa, nimelane nabacindezeli, nivikele izintandane, nimele abafelokazi.


USimakade muhle kubo bonke, uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.


USimakade ubenzela bonke abacindezelweyo ukulunga nobulungiswa.


I-Asiriya aliyukusisindisa, ngeke siwagibele amahhashi, asisayukusho futhi kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi onkulunkulu bethu, ngokuba nguwe ohawukela intandane.”


Aniyukumhlupha umfelokazi nentandane.


Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle; waninika imvula yasezulwini ngezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokunjalo.”


ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini. Ngokuba Yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula yakhe phezu kwabalungileyo nabangalungile.


Uma ubahlukumeza, bese bekhala kimi, ngiyokuzwa ukukhala kwabo,


Kuyothi uma uhamba nathi, kwenzeka uSimakade asenzele noma yikuphi okuhle, nathi siyokwenzela okuhle.”


“ ‘Makaqalekiswe ohlanekezela isehlulelo kongumfokazi, intandane, nongumfelokazi.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


Ngakho-ke hlalani nimesaba uSimakade, niqaphele enikwenzayo, ngokuba akukho ukungalungi kuSimakade uNkulunkulu wethu, akakhethi buso bamuntu futhi akafunjathiswa.”


“Owenzela abanye onkulunkulu umhlatshelo, angenzeli uSimakade yena yedwa, uyobhujiswa.


“Awuyukumphatha kabi noma umcindezele umfokazi ohlala nawe, ngokuba nawe wawungumfokazi eGibhithe.


“ ‘Uma umfowenu eba mpofu, bese encika kuwe, uyakumsekela, ahlale nawe njengomfokazi nogogobele kwakho.


umela izintandane nabacindezelweyo, ukuze kungabi bikho namunye emhlabeni, ozoba yingozi komunye.


UNkulunkulu uhlalisa imihlalaqha ezindlini, akhulule iziboshwa bese zinethezeka, abahlubukayo bodwa abahlala emaqwaqwasini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite