Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 10:15 - IsiZulu 2020

15 Nokho uSimakade wanamathela kokhokho benu, wabathanda, waziqoka nezizukulwane zabo emva kwabo, yebo, wakhetha nina phakathi kwezizwe zonke, njengoba kunjalo nanamuhla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Nokho uJehova wanamathela koyihlo, wabathanda, wakhetha inzalo yabo emva kwabo, yebo, nina ngaphezu kwabantu bonke, njenganamuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 UJehova wathanda kuphela oyihlo ukuba abathande, wakhetha inzalo yabo emva kwabo nina phakathi kwezizwe zonke, njenganamuhla.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 10:15
10 Referans Kwoze  

Ngenxa yokuba ebathanda okhokho bakho, wazikhetha izizukulwane zabo emva kwakho; wakukhipha Yena uqobo eGibhithe ngamandla akhe amakhulu,


Uma uSimakade esithanda, uyakusingenisa kuleli lizwe, futhi uyakusinika lona; liyizwe elichichima ubisi noju.


Ngokwevangeli, bayizitha ngenxa yenu, kodwa ngokukhethwa, bangabathandekayo ngenxa yokhokho babo.


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo.


Ngokuba uSimakade uziqokele uJakobe no-Israyeli, ukuba abe yifa lakhe.


nina nzalo ka-Israyeli, inceku yakhe, nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe.


“Ngaze nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngakho-ke ngiyakunijezisa ngenxa yabo bonke ububi benu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite