Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 1:38 - IsiZulu 2020

38 nguJoshuwa, indodana kaNuni omi phambi kwakho, oyongena kulo. Wena mqinise, ngokuba nguyena oyokwenza u-Israyeli alidle izwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 uJoshuwa indodana kaNuni omi phambi kwakho uyakungena khona; mqinise wena, ngokuba uyakumenza u-Israyeli adle ifa lalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Kodwa uJoshuwa, indodana kaNuni, omi phambi kwakho, nguyena oyakungena khona; mkhuthaze, ngokuba uyakwenza u-Israyeli adle ifa lalo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 1:38
20 Referans Kwoze  

Kodwa yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela ehola laba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’


abayukungena ezweni engafunga ngalo ukuthi ngiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune noJoshuwa, indodana kaNuni.


Uyambona umuntu onekhono, uyosebenzela amakhosi, hhayi abantukazana.


USawule wathumela kuJese, wathi: “Mvumele uDavide abe yisikhonzi sami, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami.”


Wamgunyaza uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba nguwe ozongenisa abantu bakwa-Israyeli ezweni engafunga ngalo kubo; Mina ngizokuba nawe.”


USimakade wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho zokuba ufe sezisondele, biza uJoshuwa, ningene ethendeni lokuhlangana ukuze ngimyale.” UMose noJoshuwa bahamba, bema ethendeni lokuhlangana.


ngoba uSimakade wayekhulumile ngabo, wathi: “Impela bayofela ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune, noJoshuwa, indodana kaNuni.


Kepha uJoshuwa, indodana kaNuni noKhalebhu, indodana kaJefune bona basinda kunalawo madoda ababehambe nawo ukuyohlola izwe.


Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuyohlola izwe. UMose waqamba uHosheya, indodana kaNuni, ngokuthi nguJoshuwa.


Owesizwana sakwa-Efrayimi: nguHosheya, indodana kaNuni.


USimakade wakhuluma kanjalo noMose ubuso nobuso, njengomuntu ezikhulumela nomngani wakhe. Wabuyela enkanjini, kodwa inceku yakhe, insizwa enguJoshuwa indodana kaNuni, ayiphumanga ethendeni.


UMose nenceku yakhe uJoshuwa bavuka, uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu.


Emveni kokufa kukaMose, inceku kaSimakade, uSimakade wakhuluma kuJoshuwa, indodana kaNuni inceku kaMose, wathi:


“Nanka amagama amadoda ayoklama izwe eliyifa lenu: u-Eleyazare, umphristi noJoshuwa, indodana kaNuni.


Ngakho-ke uJoshuwa walidla lonke izwe njengakho konke uSimakade ayekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa lakhe, wamabela ngokwezizwe zakhe. Izwe laphumula ekulweni.


Bhekani, mina ngizohlala eMizpha, ngiwakhonze amaKhaledi ayofika kithina; kodwa nina, zibutheleni ngezitsha zenu iwayini, izithelo, namafutha, nihlale emizini yenu eniyithathileyo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite