Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 1:27 - IsiZulu 2020

27 nakhononda emathendeni enu, nathi: ‘Kungenxa yokuba uSimakade esizonda okwenze ukuba asikhiphe eGibhithe ukuzosinikela esandleni sama-Amori, ukuba asibhubhise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 nakhonona ematendeni enu, nathi: ‘Ngokuba uJehova wasizonda, wasikhipha ezweni laseGibithe ukuba asinikele esandleni sama-Amori, sichithwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Nakhonona ematendeni enu, nathi: ‘Ngokuba uJehova wayesizondile, wasikhipha ezweni laseGibithe ukuze asinikele esandleni sama-Amori ukuba asibhubhise.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 1:27
8 Referans Kwoze  

funa izwe owasikhipha kulo lithi: “Kwaba ngenxa yokuba uSimakade wayengakwazi ukubangenisa ezweni ayebathembise lona, futhi ebazonda; ubakhiphile ukuze ababulalele ehlane.”


Bakhononda besemathendeni abo; abaze balihlonipha izwi likaSimakade.


USimakade usiletheleni kuleli lizwe, ukuba sife ngenkemba na? Omkethu nabantwana bethu bayakuba yimpango, kungcono kithi ukuba siphindele eGibhithe.”


Phela bengikwesaba, kwazise ungumuntu olukhuni. Uthatha ongazange ukubeke, uvune ongazange ukuhlwanyele.’


“Kwase kuza eyayithole ithalenta elilodwa, yathi: ‘Nkosi, bengazi ukuthi ungumuntu onenhliziyo elukhuni; uvuna lapho ungahlwanyelanga khona, uqoqe lapho ungasakazanga khona.


Abantu bagxibha uNkulunkulu noMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibhithe ukuba sizofela ehlane na? Akukho sinkwa, namanzi lapha, futhi sesidiniwe yilesi sinkwa esiludlana.”


UMose wayesethi: “Lapho uSimakade enipha inyama ukuba nidle kusihlwa, nesinkwa esanele ekuseni, kungokuba uSimakade ekuzwile enikhononda ngakho ngaye, thina-ke besingobani? Ukukhononda kwenu anikubhekisile kithi, kodwa kuSimakade.”


Abantu bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi ngabe safa ngesandla sikaSimakade eGibhithe, lapho sasihlala ngasemabhodweni, sidle inyama nokunye ukudla sisuthe; kunokuba nisilethe lapha kuleli hlane, nizobulala lonke leli bandla ngendlala.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite