Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 1:16 - IsiZulu 2020

16 Ngabayala abehluleli benu ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Zwanini okwenzeka phakathi kwabafowenu, bese nehlulela ngokulunga phakathi komuntu nomfowabo, nomfokazi okhosele kuye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngabayala abahluleli benu ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Zwanini okuphakathi kwabafowenu, nahlulele ngokulungileyo phakathi komuntu nomfowabo, nomfokazi okuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngabayala abahluleli benu ngaleso sikhathi ngathi: ‘Zwanini amacala phakathi kwabafowenu, nahlulele ngokulunga phakathi kwalowo nalowo nomfowabo nomfokazi okuye.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 1:16
22 Referans Kwoze  

Ningehluleli ngokubuka ngamehlo, kodwa yehlulelani ngokwehlulela okulungileyo.”


Niyoba nesehlulelo esifanayo kumfokazi nakowozalo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”


“Awuyukumphatha kabi noma umcindezele umfokazi ohlala nawe, ngokuba nawe wawungumfokazi eGibhithe.


Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho.


Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKhristu uJesu nezingelosi ezikhethiweyo, ukuba ulondoloze lezi zinto, ungabandlululi, futhi ungenzi lutho ngokukhetha.


Kungabe impela nikhuluma ukulunga nobuqotho na? Madodana abantu, ngabe nehlulela ngobuqotho na?


UNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile, iDwala lika-Israyeli lathi kimi: ‘Obusa abantu ngokulunga, abuse ngokwesaba uNkulunkulu,


USimakade wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho zokuba ufe sezisondele, biza uJoshuwa, ningene ethendeni lokuhlangana ukuze ngimyale.” UMose noJoshuwa bahamba, bema ethendeni lokuhlangana.


UMose wayala abantu ngalolo lusuku, wathi:


“Awuyukuyicindezela inceku eqashiweyo, empofu nentulayo, noma ngabe ingumfowenu noma ingumfokazi osezweni lakini emzini wakho.


ummise phambi kuka-Eleyazare, umphristi, naphambi kwenhlangano yonke, umgunyaze phambi kwayo ibuka.


“ ‘Aniyukuhlanekezela ukwehlulela. Aniyukumbandlulula ompofu, nivune ocebileyo, kodwa niyomehlulela ngokulunga umakhelwane wenu.


Niyazi futhi ukuthi yilowo nalowo kini samphatha njengalokhu uyise ephatha abantwana bakhe;


Impela mazingafi ngamvunye, abalungileyo nababi. Makube kude nawe ukwenza into efana naleyo. UMehluleli womhlaba wonke angakwenza kanjani okungalungile na?”


“Ngase ngithatha izinhloko ngokwezizwana zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawamisa aba yizinduna zenu: aba yizinduna zezinkulungwane, izinduna zamakhulu, izinduna zama-50, izinduna zamashumi, neziphathimandla ezizwaneni zenu.


“Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, bese beya esigcawini sokwehlulela, kuthethwe icala labo, liyomthetha icala olungileyo, limlahle onecala.


Vula umlomo wakho wehlulele ngokulunga, uvikele amalungelo abampofu nabantulayo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite