Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 1:15 - IsiZulu 2020

15 “Ngase ngithatha izinhloko ngokwezizwana zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawamisa aba yizinduna zenu: aba yizinduna zezinkulungwane, izinduna zamakhulu, izinduna zama-50, izinduna zamashumi, neziphathimandla ezizwaneni zenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Ngase ngithatha izinhloko zezizwe zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawenza aba yizinhloko phezu kwenu: izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi, neziphathimandla ezizweni zenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngase ngithatha izikhulu zezizwe zenu, amadoda ahlakaniphileyo nabadumileyo, ngabamisa baba yizinhloko phezu kwenu, izinduna zenkulungwane nezinduna zekhulu nezinduna zamashumi ayisihlanu nezinduna zeshumi nezinduna ezizweni zenu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 1:15
12 Referans Kwoze  

“Uyozikhethela abehluleli nezinduna emizini yakho yonke uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona ngokwezizwe zakho. Bayokwehlulela abantu ngokwehlulela okulungileyo.


NguYena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaphrofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi,


USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimile: “Lalelani lapha nina bakwaBhenjamini; indodana kaJese yiyo yini ezoninika nonke amasimu nezivini, inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu na?


Uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi. Ubheke ukuthi basaphila kahle yini abafowenu, ungibuyele nobufakazi.”


iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zama-50, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zempi nempahla yezinqola zayo.


UMose wazithukuthelela iziphathimandla zempi, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, ezazibuya empini.


Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi.


Kuleso naleso sizwana niqoke umuntu abe munye, abe yinhloko yendlu yokhokho bakhe.


“Nangiphendula nathi: ‘Izwi ositshele lona ukuba silenze, lihle.’


Ngabayala abehluleli benu ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Zwanini okwenzeka phakathi kwabafowenu, bese nehlulela ngokulunga phakathi komuntu nomfowabo, nomfokazi okhosele kuye.


USimakade wathi kuMose: “Khuphukela kuSimakade, wena, no-Aroni, noNadabi, no-Abhihu, namalunga angama-70 akwa-Israyeli; nikhothame ningikhonze nisekude.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite