Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 1:1 - IsiZulu 2020

1 Lawa ngamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa-Israyeli phesheya kweJordani, ehlane i-Araba, maqondana neSufi, phakathi kwePharanu, iThofeli, iLabhani, iHazerothi, neDi Zahabhi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Lawa angamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa-Israyeli ngaphesheya kweJordani ehlane e-Araba, malungana neSufi, phakathi kwePharanu, neThofeli, neLabani, neHaseroti, neDi Zahabi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lawa angamazwi uMose awakhuluma ku-Israyeli wonke ngaphesheya kweJordani ehlane ethafeni eliphambi koLwandle LweShelf, phakathi kwePharanu neThofeli neLabani neHaseroti neDisagabi.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 1:1
29 Referans Kwoze  

USamuweli wafa; u-Israyeli wonke wahlangana, wamlilela, wawusummbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wayesesuka, ehlela ehlane ePharanu.


Enye ingxenye yesizwana sakwaManase, uMose wayeyabele isabelo sayo eBhashani, kodwa enye ingxenye uJoshuwa wayabela phakathi kwabafowabo izwe elisentshonalanga, phesheya kweJordani. Ngesikhathi ebabuyisela emathendeni abo, wababusisa,


Manje uSimakade uNkulunkulu wenu usebanike ukuthula abafowenu njengoba ayebathembisile; ngakho-ke buyelani emuva emathendeni enu ezweni eliyisabelo senu, izwe uMose inceku kaSimakade aninika lona ngaphesheya kweJordani.


nasemakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi.


Kwathi ukuba wonke amakhosi ayengaphesheya kweJordani kwelezintaba, nalawo ayesemathafeni agudle ugu loLwande Olukhulu kuya ngaseLebhanoni: amaHithi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi namaJebusi, ezwe ngalokhu,


wathi: “USimakade weza evela eSinayi, wabakhanyisela evela eSeyiri, wakhazimula entabeni iPharanu. Weza nezigidi zabangcwele; ebaphathele umthetho ovuthayo esandleni sakhe sokunene.


Niyoqoka imizi emithathu phesheya kweJordani, niqoke eminye emithathu eKhanani ibe yimizi yokuphephela.


Lezi zizwe ezimbili nengxenye zalithola ifa lazo phesheya kweJordani ngasempumalanga yeJerikho, lapho kuphuma khona ilanga.”


Siyakuwela sihlomile phambi kukaSimakade, siye eKhanani, nokho izwe eliyifa lethu liyosala lingelethu ngaphesheya kweJordani.”


Ngokuba asiyukulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani ngaleya, lokhu sesilidlile elethu ifa nganeno kweJordani, ngasempumalanga.”


Bathi futhi: “Uma sifumene umusa emehlweni akho, linike izinceku zakho leli lizwe libe yifa lazo; ungasiwelisi iJordani.”


UMose wawathuma amadodana esuka ehlane iPharanu ngesiyalezo sikaSimakade. Wonke lawo madoda ayeyizinhloko zabantu bakwa-Israyeli.


Emveni kwalokho abantu basuka eHazerothi bakanisa ehlane iPharanu.


Abantu basuka eKibhirothi Hathava, baya eHazerothi; bahlala eHazerothi.


Abantu bakwa-Israyeli baqala uhambo lwabo besuka ehlane iSinayi, ifu laze lema ehlane iPharanu.


Esahlezi ehlane ePharanu, unina wamtholela umfazi eGibhithe.


Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe.


UNkulunkulu uvela eThemani, oNgcwele uphuma entabeni iPharanu.Sela Inkazimulo yakhe isibekela amazulu, udumo lwakhe lugcwele umhlaba.


Basuka eRimoni Pherezi, bakanisa eLibhina.


“Sabe sesidlula kubafowethu bozalo luka-Esawu, abahlala eSeyiri, sayishiya indlela e-Araba, e-Elathi, nase-Eziyoni Gebheri. Saphenduka sadlula ngendlela esehlane kwaMowabi.


phesheya kweJordani esigodini maqondana neBhethi Pheyori ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, owanqotshwa nguMose nabantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe.


amanzi anqamuka ukugeleza, aba yintaba aze ayofinyelela ngase-Adamu, eliseduze neZarethani. Kwathi amanzi agelezela olwandle i-Araba, uLwandle Lukasawoti nawo anqamuka, abantu bawela umfula maqondana neJerikho.


Basuka kwaMidiyani, baya ePharanu; bathatha amadoda ePharanu baya nawo eGibhithe kuFaro, inkosi yakhona. UFaro wamnika indlu, nesabelo sokudla nezwe.


Basuka eLibhina, bakanisa eRisa.


UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezehlulelo engizisho ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde bese uqikelela ukuzenza.


UMose namalunga akwa-Israyeli bayala abantu, bathi: “Gcinani yonke imiyalo esiniyala ngayo namuhla.


Nanka amazwi esivumelwano uSimakade amyala ngawo uMose ukuba asenze nabantu bakwa-Israyeli kwaMowabi ngaphandle kwaleso asenza nabo eHorebhe.


UMose waya wakhuluma lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite