Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 9:3 - IsiZulu 2020

3 Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ngakhuleka, nganxusa ngokuzila ukudla, nangendwangu eyisaka, nangomlotha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ukuba ngikhuleke, nginxuse ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngabhekisa ubuso bami eNkosini uNkulunkulu ukuba ngifune ngomkhuleko nangokunxusa, ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 9:3
30 Referans Kwoze  

‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’


“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Ngesikhathi somnikelo wakusihlwa, ngasukuma ekuzileni, izingubo zami nesembatho sami kuklebhukile, ngaguqa ngaphakamisela izandla zami kuSimakade uNkulunkulu wami,


U-Ezra wasuka phambi kwendlu kaNkulunkulu, waya endlini kaJehohanani, indodana ka-Eliyashibhi, wahlala lapho ubusuku bonke, engadli lutho, futhi engaphuzi lutho, ngokuba wayelila ngenxa yokungethembeki kwabantu ababebuye ekuthunjweni.


Ngase ngimemezela ukuzila ngasemfuleni i-Ahava nokuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu wethu, sizicelele indlela enhle nephephile, thina nabantwana bethu, nayo yonke impahla yethu.


UKhorneliyu wathi: “Kuthe ngikhuleka ngehora lesishiyagalolunye endlini yami, ezinsukwini ezine ezedlule, ngabonasekumi phambi kwami indoda eyayembethe ingubo ekhazimulayo,


Wayengumfelokazi waze waba neminyaka engama-84, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.


USimakade uyakhuluma uthi: “Ngisho namanje buyelani kimi ngenhliziyo yenu nonke, ngokuzila ukudla, ngokukhala, nangokulila.”


Mbathani indwangu eyisaka nina baphristi, nilile, nikhihle isililo nina zikhonzi ze-althare. Wozani nilale ubusuku bonke nembethe indwangu eyisaka nina zinceku zikaNkulunkulu wami. Ngokuba umnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo akusalethwa endlini kaNkulunkulu wenu.


“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kuyakuthi lapho indlu yakwa-Israyeli inginxusa ukuba ngiyenzele lokhu: ngiyakuyandisela abantu bayo, babe ngangezimvu.


Kepha mina ngesikhathi begula, ngangembethe ingubo eyisaka, ngazihlupha ngokuzila ukudla, ngakhuleka ngigobodisile, ngaqinisela ekubakhulekeleni.


Kwathi lapho uDaniyeli esazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe, amafasitela ayesekamelweni lakhe eliphezulu ayevulekele ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ayenzile kuqala.


Kwathi ngosuku lwama-24, lwaleyo nyanga, abakwa-Israyeli bahlangana ngosuku lokuzila ukudla, bembatha indwangu eyisaka, bazithela ngenhlabathi.


Ngalolo lusuku iNkosi uSimakade Wamabandla wanibiza ukuba nikhale, nilile, niphuce amakhanda, nigqoke indwangu eyisaka,


ngonyaka wokuqala wokubusa kwakhe, mina Daniyeli ngabona emqulwini inani leminyaka izwi likaSimakade elafika ngayo kuJeremiya umphrofethi ukuba kupheleliswe ukubhujiswa kweJerusalema, okuyiminyaka engama-70.


Ngakhuleka kuSimakade uNkulunkulu wami, ngavuma ngathi: “Nkosi, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe,


Ngisakhuluma ngikhuleka, ngivuma izono zami nezono zabantu bakithi u-Israyeli, ngiletha ukunxusa kwami phambi kukaSimakade uNkulunkulu wami ngentaba engcwele kaNkulunkulu wami,


Abantu baseNineve bakholwa kuNkulunkulu, base bememezela ukuzila ukudla, nokuba kugqokwe indwangu yesaka kusukela kwabakhulu babo kuya kwabancane.


UDavide wamncenga uNkulunkulu ukuba asindise umntwana. UDavide wazila ukudla, wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke.


ngakho-ke ngiyazenyanya, ngiyazisola, ngibhuquza othulini nasemlotheni.”


Kepha lolu hlobo lwedimoni aluphumi ngaphandle kokukhuleka nokuzila ukudla.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite