Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 9:21 - IsiZulu 2020

21 yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabhriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Yebo, ngisakhuluma emkhulekweni, umuntu uGabriyeli engambona embonweni ekuqaleni, wandiza masinyane, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 9:21
27 Referans Kwoze  

Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “NginguGabhriyeli mina, omi phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume nawe, nokuba ngikubikele lezi zindaba ezinhle.


Ngezwa izwi lomuntu phakathi kwe-Ulayi elalimemeza lithi: “Gabhriyeli, menze lo ukuba awuqonde umbono.”


Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi kowayemi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.


Kwathi ngesikhathi sokunikela, u-Eliya umphrofethi wasondela, wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka noka-Israyeli, namhlanje makwazeke ukuthi Wena unguNkulunkulu kwa-Israyeli, nokuthi mina ngiyinceku yakho, nokuthi ngikwenzile konke lokhu ngezwi lakho.


Izingelosi zonke aziyibo yini omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakudla ifa lensindiso na?


Waba nombono lapho abona kuwo ngokusobala ingelosi kaNkulunkulu ifika kuye, cishe ngehora lesishiyagalolunye emini, ithi: “Khorneliyu!”


Wabuye wangithinta obonakala njengomuntu, wangiqinisa.


Esakhuluma nami, ngalala ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.


Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi; yilelo nalelo linamaphiko ayisithupha; ngamabili awo lamboza ubuso balo, ngamabili lamboza izinyawo zalo, nangamabili landiza.


Bongani uSimakade nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enigcina izwi lakhe nilalele okushiwo yilo.


Iwundlu elilodwa uyolinikela ekuseni, kuthi elinye ulinikele kusihlwa.


Nangezingelosi, uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”


Nakho-ke sekufika ingelosi yeNkosi, kwakhanya bha ejele. Ingelosi yamthinta ohlangothini uPhethro, yamvusa ithi: “Sukuma ngokushesha.” Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe.


Kuthe ngakusasa besahamba labo, sebesondela emzini, uPhethro wenyukela phezu kwendlu ukuba ayokhuleka ngehora lesithupha.


UPhethro noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lesishiyagalolunye elingelokukhuleka.


Kepha ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”


Ngathintwa yisandla, sanginyakazisa ukuba ngigaqe ngamadolo ami nangezintende zezandla zami.


Izidalwa eziphilayo zazigijima ziye phambili nasemuva njengombani.


Babunjalo-ke ubuso bazo zozine. Amaphiko azo ayelulekele phezulu. Kuyilelo nalelo lamaphiko amabili ethintene, kuthi amabili emboze imizimba yazo.


wenza umoya ube yizithunywa zakhe, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo.


Ngenyanga yesithupha, ingelosi uGabhriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini eGalile, okuthiwa yiNazaretha,


Khona manjalo ngabona embonweni amahhashi nabawagibele befake izivikelo zezifuba, zibomvu njengomlilo nezehiyakinte nezesibabule. Amakhanda amahhashi ayenjengamakhanda amabhubesi, ekhafula umlilo emilonyeni yawo, umusi nesibabule.


Umkhuleko wami mawufane nempepho phambi kwakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami, njengomnikelo wakusihlwa.


Noma ngabe bekukhona kulo lawa madoda amathathu: uNowa, uDaniyeli noJobe, bona bebeyakuyisindisa impilo yabo ngenxa yokulunga kwabo, kusho iNkosi uSimakade.


Kwathi lapho isidlulile imini, baphrofetha kwaze kwanikelwa ngomnikelo wempuphu, kepha akubanga khona zwi, nophendulayo, nonakekelayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite