Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 9:2 - IsiZulu 2020

2 ngonyaka wokuqala wokubusa kwakhe, mina Daniyeli ngabona emqulwini inani leminyaka izwi likaSimakade elafika ngayo kuJeremiya umphrofethi ukuba kupheleliswe ukubhujiswa kweJerusalema, okuyiminyaka engama-70.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe mina Daniyeli ngaqonda ngezincwadi umumo weminyaka elakhuluma ngawo izwi likaJehova kuJeremiya umprofethi ukuba kupheleliswe ukuchithwa kweJerusalema, iminyaka engamashumi ayisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe, mina, Daniyeli, ngaqonda ezincwadini inani leminyaka izwi likaJehova elafika ngayo kuJeremiya umprofethi, ukuthi yayiyoqeda iminyaka engamashumi ayisikhombisa ekubhujisweni kweJerusalema.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 9:2
32 Referans Kwoze  

Usho kanje uSimakade, uthi: “Uma sekuphele iminyaka engama-70 niseBhabhele, ngiyakunikhumbula, ngilifeze kini izwi lami elihle, ngokunibuyisela kule ndawo.


ukuba ligcwaliseke izwi likaSimakade ngomlomo kaJeremiya, ukuze izwe laneliseke ngamasabatha alo. Ngazo zonke izikhathi, liyakuba yincithakalo liphumule kuze kuphele iminyaka engama-70.


Ubusisiwe lowo ofundayo nalabo abezwa amazwi alesi siphrofetho, bese bekugcina okulotshwe kuso, ngokuba isikhathi sesiseduze.


“Buza kubo bonke abantu bezwe nakubaphristi, uthi: ‘Ekuzileni nasekulileni kwenu ngenyanga yesihlanu neyesikhombisa kule minyaka engama-70 ngabe ngempela nanizilele Mina yini na?


Ngonyaka wokuqala kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuze kugcwaliseke izwi likaSimakade alikhuluma ngoJeremiya, uSimakade wavusa umoya kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, yase ishaya umthetho kuwo wonke umbuso wayo, yakhipha isimemezelo esibhaliweyo, esasithi:


Ngakho-ke ngenxa yenu iZiyoni liyakulinywa libe yinsimu, neJerusalema libe yindunduma yencithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sokuwa kwezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu ayomenza isikhonzi sawo.


iJerusalema, imizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikubhubhise kube yincithakalo, into enximfelwayo neqalekisiweyo, njengoba kunjalo namuhla.


Emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema ngiyakuwuthulisa umsindo wokujabula nowokuthokoza, nezwi lomyeni nelikamakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.’ ”


Imizi yakho engcwele isifana nehlane, iZiyoni seliphenduke ihlane, neJerusalema liyincithakalo.


Qikelela ukuba ufunde, uyale, ufundise, ngize ngifike.


Umthenwa wathi kuFiliphu: “Ngiyacela, umphrofethi ukukhuluma ngobani lokhu? Ngabe uzisho yena noma ukhuluma ngomunye na?”


“Kepha uma nibona amanyala echithakele lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele. AbaseJudiya mababalekele ezintabeni,


“Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini.


Maye! Waze wasala dengwane umuzi obugcwele abantu! Sewuphenduke umfelokazi phakathi kwezizwe. Owesifazane obehloniphekile phakathi kwezifunda, usephenduke isigqila.


ngiyakuyenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiwenze ube yisiqalekiso, kuzo zonke izizwe zomhlaba.’ ”


Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumeluleki wami.


“UMikha waseMoreshethi waphrofetha ezinsukwini zikaHezekiya, inkosi yakwaJuda, wakhuluma kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “ ‘IZiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’


Amazwi kaJeremiya, indodana kaHilikiya, omunye wabaphristi ababese-Anathothi ezweni lakwaBhenjamini.


Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ngakhuleka, nganxusa ngokuzila ukudla, nangendwangu eyisaka, nangomlotha.


Yayisiphendula ingelosi kaSimakade, yathi: “Simakade Wamabandla, kuyoze kube nini ungalihawukeli iJerusalema nemizi yakwaJuda oyithukuthelele le minyaka engama-70 na?”


Akukho nyawo lwamuntu nanselo yasilwane okuyakudabula kulo, futhi aliyukuhlalwa muntu iminyaka engama-40.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite