Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 9:19 - IsiZulu 2020

19 Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 O Nkosi, yizwa; O Nkosi, thethelela; Jehova, yizwa, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba igama lakho libizwe phezu komuzi wakho naphezu kwabantu bakho.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 9:19
32 Referans Kwoze  

Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.


Ngithi kini: noma engezukuvuka amnike utho ngokuba engumngani wakhe, kodwa ngenxa yokubelesela kwakhe uyakumnikeza konke akudingayo.


Kwathi lapho isikhonyane sesibudle sabuqothula nya utshani ezweni, ngathi: “Nkosi Simakade, ake uthethelele; uyakuma kanjani uJakobe ngokuba mncane?”


ukuze ngebandla baziswe manje ababusi nabanamandla emazulwini ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,


ukuze thina esethembele kuKhristu ngaphambilini, sibe ludumo lwenkazimulo yakhe.


Kungani ufana nomuntu omangele, nanjengeqhawe elingenakusindisa na? Wena Simakade, uphakathi kwethu; sibizwa ngegama lakho, ungasishiyi.


Simakade, nakuba izono zethu zifakaza ngathi, kodwa yenza okuthile, ngenxa yegama lakho, ngokuba ukuhlubuka kwethu kukhulu; sonile kuwe.


Bathethelele laba bantu ububi babo ngokobukhulu bomusa wakho, njengalokho ubathethelele laba bantu kusukela eGibhithe kuze kube manje.”


ukuze kudunyiswe inkazimulo yomusa wakhe asinike wona ngesihle ngothandiweyo,


“Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘UJakobe ngiyakumbuyisa ekuthunjweni, yonke indlu yakwa-Israyeli ngiyihawukele, ngibe nentshisekelo ngenxa yegama lami elingcwele.


“Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Angikwenzi lokhu ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilihlambalazileyo ezizweni, lapho benikade nikhona.


Nokho ngayeka ukukwenza lokho ngenxa yegama lami, ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe engabakhipha zizibonela ngawazo.


Ngakwenza lokho ngenxa yegama lami, ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe engabakhipha zizibonela ngawazo.


Ngakwenza lokho ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe ababephakathi kwazo, engazazisa kuzo bebuka, ngokubakhipha eGibhithe.


Bheka, ngizoqala ukwehlisa inhlekelele phezu komuzi obizwa ngegama lami, pho nina niyakukugwema kanjani ukujeziswa na? Aniyukuyekwa ningajeziswa, ngokuba ngibiza inkemba kubo bonke abakhileyo emhlabeni,’ kusho uSimakade Wamabandla.


mawuzwe umkhuleko wabo nokunxusa kwabo usezulwini, indawo yakho yokuhlala, uyimele indaba yabo, ubathethelele abantu bakho abonileyo kuwe.


Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho, u-Israyeli, abayakukhuleka kule ndawo, uzwe usendaweni yakho yokuhlala ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele.


ukuze abaseleyo babantu nabezizwe bonke bayifune iNkosi, elibizwe phezu kwabo igama lami,’ kusho iNkosi ekwenzayo lokhu,


“Bayakulibeka kanjalo iGama lami phezu kwabakwa-Israyeli, Mina ngibabusise.”


yilowo nalowo obizwa ngeGama lami, engimdalele udumo lwami, ngambumba, futhi ngamenza.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite