Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 9:17 - IsiZulu 2020

17 “Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakeleyo ngenxa yeNkosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakele ngenxa yeNkosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Manje yizwa, Nkulunkulu wethu, umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, futhi mawukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele echithekile ngenxa yeNkosi.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 9:17
20 Referans Kwoze  

Sibuyise, Simakade Nkulunkulu Wamabandla, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Phezu kwentaba iZiyoni esiyincithakalo, sekuzulazula amanketshane.


Nakuba izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kakhulu, kuYena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu-Amen; kudunyiswe uNkulunkulu ngathi.


Sibuyise, Nkulunkulu Wamabandla, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Sibuyise, Nkulunkulu, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu.


Kuze kube manje anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakuphiwa ukuze intokozo yenu igcwale.


Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”


Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho, ngifundise izimiso zakho.


Lalela, Malusi ka-Israyeli, Wena ohola uJosefa njengomhlambi. Uhlezi phezu kwamakherubhi, khazimula


UNkulunkulu makabe nomusa kithi, asibusise, makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela


Baningi abathi: “Ngubani oyakusenzela okuhle na?” Simakade, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.


Beka indlebe yakho, ubheke ngamehlo akho, uzwe umkhuleko wenceku yakho ewukhuleka kuwe namuhla, imini nobusuku, ikhulekela izinceku zakho, abantu bakwa-Israyeli, ivuma izono zabakwa-Israyeli, esone ngazo kuwe. Mina nomndeni wami sonile.


Ngenxa yami, impela ngenxa yami, ngiyokwenza. Kungani iGama lami lingcoliswa na? Angiyukuyinika omunye inkazimulo yami.


Mawulalele umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Simakade Nkulunkulu wami, kuzwe ukukhala nokukhuleka inceku yakho ekukhuleka phambi kwakho namuhla,


ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho, kubo bonke abezizwe.


Phangisa uzobona incithakalo yaphakade, isitha sesone konke endlini engcwele.


Simakade, Nkulunkulu Wamabandla, kuyoze kube nini uyithukuthelele imikhuleko yabantu bakho na?


Walizwa izwi lami lapho ngithi: “Ungayisithezi indlebe yakho ekunxuseni kwami, ngicela usizo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite