Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 9:14 - IsiZulu 2020

14 USimakade uyilungiselele inhlekelele, wayeseyehlisela kithi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, kodwa asililalelanga izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UJehova wayesebulinda ububi, wasehlisela bona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, kepha asililalelanga izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kungakho uJehova wabuqaphela ububi wabesehlisela phezu kwethu, ngoba uJehova uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, ngoba asililalelanga izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 9:14
16 Referans Kwoze  

“Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha thina sinamahloni njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nezakhamuzi zaseJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.


Nokho bewufanele ukusehlisela zonke lezo zinto; wenze okulungileyo, thina senza okubi.


“ ‘Bheka, ngiyakuqikelela ukuba kwenzeke okubi, hhayi okuhle; bonke abantu bakwaJuda abaseGibhithe bayakufela lapho, beqedwa yinkemba nayindlala, baze bafe baphele nya.


Nkulunkulu, ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu wensindiso yami, yikhona ulimi lwami luzohuba ngokulunga kwakho.


“Kuyakuthi njengalokhu ngangibaqaphile ukuze ngibasiphule, ngibadilize, ngibabhidlize, ngibabhubhise, ngibalimaze, kanjalo-ke ngiyakubalinda ukuba ngibakhe, ngibatshale,” kusho uSimakade.


Base bezithoba abaholi bakwa-Israyeli nenkosi, bathi: “USimakade ulungile.”


USimakade unomusa, ulungile, uNkulunkulu wethu unobubele.


Wena Simakade ulungile; izehlulelo zakho ziqotho.


UFaro wathumela wabiza uMose no-Aroni, wathi kubo: “Kulokhu ngonile; uSimakade ulungile, mina nabantu bami sinecala.


Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, Wena ulungile, kodwa thina usiphunyukisile, sasala sayinsali njengoba kunje namuhla. Siphambi kwakho necala lethu, nakuba kungekho namunye ongama phambi kwakho ngenxa yalokho.”


Imisebenzi yezandla zakhe yethembekile, futhi ilungile, yonke imithetho yakhe iqinisekile,


Njengabalindi bensimu, balithelekele nxazonke, ngokuba lingihlubukile,” kusho uSimakade.


Wena, Simakade, ulungile, noma ngikumangalela. Nokho ngiyakukhuluma nawe ngokwehlulela: kungani indlela yezikhohlakali ichuma na? Kungani banethezeke abakhohlisi boqobo na?


Abamelene nalo sebephenduke banjengamakhosi, izitha zalo zinokuthula. USimakade ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo. Izingane zalo sezihambile, zisekuthunjweni, ebusweni besitha.


“ ‘ “Ngenxa yokuthi awuzikhumbulanga izinsuku zobusha bakho, kodwa ungithukuthelisile ngakho konke lokhu, nami-ke ngizokwehlisela phezu kwekhanda lakho konke okwenzileyo, ukuze ungabe usazikhanukela zonke ezinye izinengiso zakho,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Ngasekugcineni kwezinsuku mina, Nebukhadinezari ngaphakamisela amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade. Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade, nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite