Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 8:3 - IsiZulu 2020

3 Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwakumi phambi komfula inqama inezimpondo ezimbili; lezo zimpondo ezimbili zazizinde, kepha olunye lulude kunolunye, olude lwavela kamuva.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwakumi phambi komfula inqama inezimpondo ezimbili; lezo zimpondo ezimbili zazithaphile, kepha olunye lwaluthaphe kunolunye, oluthaphileyo lwavela muva.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwakumi phambi komfula inqama enezimpondo ezimbili; izimpondo ezimbili zaziphakeme; kodwa enye yayiphakeme kunomunye, futhi ephakemeyo yaphuma ekugcineni.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 8:3
25 Referans Kwoze  

Inqama oyibonileyo inezimpondo ezimbili, zingamakhosi aseMediya nasePheresiya.


ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalo igolide elicwengekileyo lase-Ufazi.


Ngabuye ngabheka, ngabona kuphuma izinqola ezine phakathi kwezintaba ezimbili; kwakuyizintaba zethusi.


Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona kuphuma abesifazane ababili, umoya usemaphikweni abo; babe namaphiko njengamaphiko kanogolantethe, baliphakamisa i-efa phakathi komhlaba nezulu.


Ingelosi eyayikhuluma yasondela kini, yathi: “Ake ubheke, ubone ukuthi kuyini lokhu okuphumayo?”


Ngabuye ngabheka, ngabona umqulu wencwadi ondizayo.


Ngabheka, ngabona indoda iphethe esandleni intambo yokulinganisa.


Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona kukhona izimpondo ezine.


“Bheka, esinye isilo, esesibili, sasinjengebhele, samiswa ngolunye uhlangothi, kukhona izimbambo ezintathu emlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; kwathiwa kuso: ‘Vuka, udle inyama eningi.’


UDaniyeli waba nempumelelo ngesikhathi sokubusa kukaDariyu, nesikaKhoresi umPheresiya.


UDariyu umMede wathatha umbuso eneminyaka engama-62.


“Emva kwakho kuyakuvuka omunye umbuso omncane kunawe, nomunye umbuso wesithathu wethusi oyakubusa emhlabeni wonke.


“Lolani imicibisholo, nithathe izihlangu. USimakade uvivise amakhosi aseMediya, ngokuba inhloso yakhe ngeBhabhele ngukuba alibhubhise; lokhu kuyimpindiselo kaSimakade, impindiselo ngethempeli lakhe.


othi ngoKhoresi: ‘Ungumelusi wami, uyakufeza konke okwentando yami, athi ngeJerusalema: liyakwakhiwa, nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa.’ ”


Ngiboniswe umbono oshaqisayo: umkhapheli ekhaphela, nombhubhisi ebhubhisa. Yenyuka Elamu, uvimbezele Mediya; ngizokuqeda konke ukukhala kwenu.


Bhekani, ngizobavusela amaMede, isizwe esingenandaba nasiliva nagolide.


kwathi ngonyaka wesithathu wokubusa kwayo, yenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili, abombutho wempi yasePheresiya naseMediya, izikhulu nababusi bezifundazwe, babelapho.


Zafumbathisa izikhulu ukuba zimelane nesu labo ngesikhathi sokubusa kukaKhoresi, inkosi yasePheresiya, kwaze kwaba ngesokubusa kukaDariyu, inkosi yasePheresiya.


“Nakhu okushiwo nguKhoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: “ ‘USimakade uNkulunkulu wasezulwini unginike yonke imibuso yomhlaba, wangiqoka ukuba ngimakhele indlu eJerusalema, kwaJuda.


UDavide waphakamisa amehlo akhe wayibona ingelosi kaSimakade imi emkhathini womhlaba nezulu, ikhokhe inkemba esandleni sayo iyelulele phezu kweJerusalema. UDavide namalunga babembethe ingubo yesaka base bekhothama bathi mbo ngobuso.


Kuthe uJoshuwa eseseduze kwaseJerikho, wathi ebheka, wabona indoda imi phambi kwakhe, iphethe inkemba esandleni. UJoshuwa waya kuyo, wathi: “Ungomunye wethu noma ungomunye wezitha zethu, na?”


UBhileyamu waphakamisa amehlo akhe wabona ukuthi u-Israyeli ukanise ngokwezizwe zakhe, uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe.


Ngabona phakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine naphakathi kwamalunga kumi iMvana kungathi ihlatshiwe, inezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.


Ngase ngibona esinye isilo siphuma emhlabeni, sinezimpondo ezimbili ezifana nezewundlu, futhi sikhulumisa okukadrago.


Ngabona embonweni, lapho ngibheka ngangiseShushani esigodlweni senkosi esifundeni sase-Elamu; embonweni ngabona ngangingasemselenikazi i-Ulayi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite