Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 8:17 - IsiZulu 2020

17 Wayesesondela lapho ngangimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami, kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami; kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wayesesondela lapho ngangimi khona, lapho efika, ngesaba, ngawa ngobuso; kodwa wathi kimi: Qonda, ndodana yomuntu, ngoba kuzakuba khona isikhathi sokuphela.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 8:17
27 Referans Kwoze  

Wathi: “Bheka, ngiyakukwazisa okuyakwenzeka ngasekupheleni kwentukuthelo, ngokuba kungokwesikhathi sokuphela.


Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise umqulu kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kuyokuba kuningi.”


Lapho ngimbona ngawa phansi ngasezinyaweni zakhe, nganjengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; Mina ngingowokuqala nowokugcina,


Ngokuba umbono usalokhu ungowesikhathi esinqunyiweyo, uyakushesha ufike esiphethweni, awuyukukhohlisa; nakuba uyakubambezeleka, ulinde, ngokuba impela uyakufika, awuyukwephuza.


“Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni; sewuphumulile, uyakuma esabelweni sakho ekupheleni kwezinsuku.”


“Ngesikhathi sokugcina inkosi yaseningizimu iyakulwa nayo; inkosi yasenyakatho iyakuza kuye njengesishingishane inezinqola, nabamahhashi, nemikhumbi eminingi, iyakungena ngaphakathi ezweni, ikhukhule, idlule.


Mina Johane nginguye owezwa, nowabona lezi zinto. Kuthe sengizwile, ngabona, ngathi mbo phansi ngobuso ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombise lezo zinto.


Njengothingo lwenkosazana emva kwemvula, kwakubonakala kunjalo ukumenyezela kwakho nxazonke. Kwakufana nenkazimulo kaSimakade. Kwathi lapho ngiyibona ngakhothama ngathi mbo ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.


Kwathi lapho bephakamisa amehlo abo, ababona muntu, ngaphandle kukaJesu kuphela.


Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi kowayemi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.


Wathi kimi: “Daniyeli, wena muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywe kuwe;” lapho esekhulumile leli lizwi kimi, ngema ngithuthumela.


Uyakuqinisa isivumelwano nabaningi isonto libe linye, imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto, kufike incithakalo ngephiko lesinengiso, kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu kombhubhisi.”


Ekuqaleni kokunxusa kwakho izwi lavela; sengifikile ukukutshela, ngokuba uthandekile; ngalokho qonda leli lizwi, uqonde nombono.


Kwathi sengiwubonile umbono mina Daniyeli, ngafuna ukuwuqonda; bheka, kwase kumi phambi kwami okungathi isimo somuntu.


Inkosi uNebukhadinezari yayisiwa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayaleza ukuba banikele ngomnikelo nangempepho kuye.


“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ezintabeni zakwa-Israyeli, uphrofethe, umelane nazo, uthi:


U-Abhrama wakhothama wathi mbo ngobuso, uNkulunkulu wathi kuye:


Wayesengiyisa phambi kwendlu ngendlela yesango esenyakatho. Ngabuka; bheka, inkazimulo kaSimakade yagcwalisa indlu yakhe; ngase ngiwa ngithi mbo ngobuso.


Ngasondela komunye wababemi lapho, ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazelo yezindaba.


Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho, ukuze ngikhulume nawe.”


Amakhosi-ke omabili, izinhliziyo zawo ziyakuba ngezokwenza okubi; ayakukhuluma amanga esetafuleni linye, kepha akuyukuphumelela, ngokuba ukuphela kusazokuba sesikhathini esimisiweyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite