Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 8:14 - IsiZulu 2020

14 Wathi kimi: “Kuyoze kube yizikhathi zokuhlwa nezokusa eziyizi-2 300, bese ihlanjululwa indlu engcwele.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wathi kimi: “Koze kube yizikhathi zokuhlwa nezokusa eziyizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu; bese yihlanjululwa indlu engcwele.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Wathi kimi: Kuze kube yizinsuku eziyizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu; khona indawo engcwele iyakuhlanjululwa.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 8:14
14 Referans Kwoze  

Ngezwa umuntu owayembethe ilineni, ephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nengxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.


Iyakukhuluma amazwi amelene noPhezukonke, ibakhathaze abangcwele bakhe; icabange ukuguqula izikhathi ezimisiweyo nomthetho. Bayakunikelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi, nezikhathi, nengxenye yesikhathi.


“Kusukela esikhathini sokususwa komnikelo oshiswa imihla yonke nokumiswa kwesinengiso esibhubhisayo kuyakuba yizinsuku eziyi-1 290.


KuSimakade zonke izizukulwane zika-Israyeli ziyolungisiswa, zibe nodumo.


Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe, lapho enakekelwa khona isikhathi nezikhathi, nengxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka.


“Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile, kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.”


“IZiyoni lizokhululwa ngobulungiswa, nalabo abakulo baphenduke ngokulunga.


Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nezihlambalazayo, sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingama-42.


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Umbhalo wakubona ngaphambi kwalokho ukuthi uNkulunkulu uyakuzilungisisa izizwe ngokukholwa, ngakho-ke ivangeli lashunyayelwa phambilini ku-Abhrahama, ukuthi: “Zonke izizwe ziyakubusiswa kuwe.”


UNkulunkulu wakubiza ukukhanya ngokuthi yimini, ubumnyama wabubiza ngokuthi wubusuku. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lokuqala.


Ubusisiwe olindayo afinyelele ezinsukwini eziyi-1 335.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite