Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 7:6 - IsiZulu 2020

6 “Emveni kwalokho ngabona; bheka, esinye sasinjengengwe, sinamaphiko enyoni amane emhlane. Lesi silo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Emva kwalokho ngabona; bheka, esinye, sinjengengwe, sinamaphiko amane enyoni emhlane; isilo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Emva kwalokho ngabona, bheka, enye ifana nengwe, inamaphiko amane enyoni emhlane wayo; isilo sasinamakhanda amane; lanikwa ukubusa.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 7:6
10 Referans Kwoze  

Isilo engasibonayo sasifana nengwe, izinyawo zaso zinjengezebhere, umlomo waso ufana nomlomo webhubesi. Udrago wasinika amandla akhe, isihlalo sakhe sobukhosi, negunya lakhe elikhulu lokubusa.


Ngase ngiba njengebhubesi kubo, ngacutha endleleni njengengwe.


Wayesethi kimi: “Uyazi ukuthi ngifikeleni kuwe na? Kepha manje ngiyakubuya ukuba ngilwe nesikhulu sasePheresiya; lapho sengisukile kuso, kuyofika isikhulu saseJavani.


“Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi. Ngabuka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.


“Emva kwakho kuyakuvuka omunye umbuso omncane kunawe, nomunye umbuso wesithathu wethusi oyakubusa emhlabeni wonke.


uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu nezimpaphe ezinkulu, lunezimpaphe eziningi ezinemibala eyehlukeneyo, lwafika eLebhanoni, lwathatha isihloko somsedari,


“Bheka, esinye isilo, esesibili, sasinjengebhele, samiswa ngolunye uhlangothi, kukhona izimbambo ezintathu emlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; kwathiwa kuso: ‘Vuka, udle inyama eningi.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite