Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 7:27 - IsiZulu 2020

27 Umbuso, ukubusa, nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke. Umbuso wakhe kuyakuba ngumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Umbuso nokubusa nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke; umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Umbuso, nokubusa, nobukhulu bombuso phansi kwezulu lonke kuyakunikwa abantu abangcwele boPhezukonke, ombuso wakhe ungumbuso ophakade, nakho konke ukubusa kuyakumkhonza, kumlalele.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 7:27
29 Referans Kwoze  

Wonke amakhosi ayokhothama phambi kwayo, zonke izizwe ziyikhonze.


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyukuphela.”


Wanikwa ukubusa, ubukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe, nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayukuphela, nombuso wakhe yiwo ongayukubhujiswa.


Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;


Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwemukeliswa umbuso, ube ngowabo kuze kube phakade, yebo, kuze kube phakade naphakade.’


“Ezinsukwini zalawo makhosi, uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa, nobukhosi bawo obungeke bushiyelwe abanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.


Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade, ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.


Zonke izizwe ozidalileyo zizofika, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho,


Engutsheni yakhe nasethangeni lakhe kulotshwe igama elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI.


kwaze kwafika omdala wezinsuku, abangcwele boPhezukonke base bevunwa yisigwebo, kwafika isikhathi esinqunyiweyo sokuba umbuso ube ngowabangcwele.


Ayakulwa neWundlu; iWundlu liwanqobe, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, likanye nabanalo ababiziweyo balo, abakhethiweyo nabathembekileyo.”


USimakade uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke. Ngalolo lusuku uSimakade uyakuba yedwa vo, negama lakhe libe lilodwa zwi.


Ngokuba uyakusabalalela ngakwesokunene nangakwesokhohlo; nabozalo lwakho bayakubusa izizwe, bakhe imizi echithekileyo.


Ubusuku abusayukuba bikho, abasakudingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela. Bayakubusa kuze kube phakade naphakade.


Ngakho isixuku samphendula, sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKhristu uyakuphila phakade. Pho usho kanjani ukuthi iNdodana yomuntu ifanelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?”


Abahlengi bayakukhuphukela entabeni iZiyoni, babuse elezintaba kwa-Esawu. Umbuso uyakuba ngokaSimakade.


Ngasekugcineni kwezinsuku mina, Nebukhadinezari ngaphakamisela amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade. Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade, nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;


Ngase ngibona izihlalo zobukhosi, bahlala kuzo, banikwa amandla okwahlulela. Ngabona imiphefumulo yalabo ababenqunywe amakhanda ngenxa yobufakazi ngoJesu, nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nasemfanekisweni waso, nabangalwemukelanga uphawu lwaso emabunzini abo nasezandleni zabo. Baphila babusa noKhristu iminyaka eyinkulungwane.


andukuba kufike umhla wokuphela, lapho ebuyisela umbuso kuNkulunkulu uYise, esechithile bonke ababusi, bonke abasemagunyeni, nabanamandla.


Nganikwa umhlanga wokulinganisa ofana nenduku, kwathiwa: “Sukuma ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, i-althare, nalabo abakhulekayo kulo.


Izizwe ziyobathumba, zibayise endaweni yazo; indlu ka-Israyeli iyozidla lezo zizwe, zibe yifa layo, zibe yizinceku nezincekukazi ezweni likaSimakade; iyobathumba labo ababekade beyithumbile, ibuse phezu kwabacindezeli bayo.


“Ngibeka umthetho wokuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, “ngokuba unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade. Umbuso wakhe yiwo ongayikubhujiswa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite