Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 7:21 - IsiZulu 2020

21 Kuthe ngisabuka, lolo phondo lwalwa nabangcwele, lwabehlula,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngisabheka, lolo phondo lwalwa nabangcwele, lwabahlula,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngabona, lolu phondo lwalwa nabangcwele, lwabanqoba;

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 7:21
12 Referans Kwoze  

Ngezwa umuntu owayembethe ilineni, ephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nengxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.


Ayakulwa neWundlu; iWundlu liwanqobe, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, likanye nabanalo ababiziweyo balo, abakhethiweyo nabathembekileyo.”


Iyakuba namandla amakhulu, kungengamandla ayo uqobo; iyakubhubhisa ngokumangalisayo, iyakuphumelela, iyakwenza, iyakuchitha abanamandla nabantu abangcwele.


Ngase ngibona owesifazane edakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu. Ngamangala ngokumangala okukhulu.


Ngase ngibona isilo, amakhosi omhlaba kanye nempi yawo kubuthene ukuze balwe nalowo ohleli ehhashini nempi yakhe.


Kwabekwa impi yokulwa nomnikelo oshiswa imihla yonke ngesiphambeko: lwaphonsa phansi iqiniso, lwenza njengentando yalo, lwaba nempumelelo.


“Izimpi ziyakuvela kuyo, zingcolise indlu engcwele, zibhidlize inqaba, zisuse umnikelo waphakade oshiswa imihla yonke, zimise isinengiso esisabisayo.


Ngafuna ukwazi kabanzi nangezimpondo ezilishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu, lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma ngokuzigqaja, olwalubukeka lulukhulu kunezinye.


Kolunye lwazo kwamila uphondo oluncane olwakhula kakhulu ngaseningizimu, ngasempumalanga, nangasezweni elihle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite