Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 7:2 - IsiZulu 2020

2 UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka olwandle olukhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka elwandle olukhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UDaniyeli wakhuluma, wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku, bheka, imimoya yomine yezulu yayibanga ulwandle olukhulu;

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 7:2
13 Referans Kwoze  

Emveni kwalokho, ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibambe imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, olwandle, nakwesisodwa sezihlahla.


Yayisithi kimi: “Amazwi owabonileyo lapho bekuhleli khona isifebe, ngabantu, izixuku, izizwe nezilimi.


Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala kwecilongo okukhulu, ziqoqe abakhethiweyo bayo emagumbini omane omhlaba, kusukela emkhawulweni wezulu kuze kube komunye.


Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamu imimoya emine evela emkhawulweni yomine yezulu, ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya, akuyukuba bikho sizwe lapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.


Ngakho-ke yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli, ngombono ebusuku. UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.


“Emveni kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu, sinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso. Sasehlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso sinezimpondo ezilishumi.


“Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, onjengendodana yomuntu wafika namafu ezulu; wafika komdala wezinsuku, wasondezwa phambi kwakhe.


Ngabona embonweni, lapho ngibheka ngangiseShushani esigodlweni senkosi esifundeni sase-Elamu; embonweni ngabona ngangingasemselenikazi i-Ulayi.


Impongo yayisizikhulisa kakhulu; kwathi lapho isinamandla, uphondo olukhulu lwephuka; esikhundleni salo kwamila ezine ezigqamileyo ngasemimoyeni yomine yezulu.


Iyakuthi ingavela nje, umbuso wayo ufohlozwe, wahlukaniselwe emimoyeni yomine yezulu, ungabi ngowenzalo yayo, ungabi njengasekubuseni kwayo eyabusa ngakho, ngokuba umbuso wayo uyakusishulwa, ube ngowabanye ngaphandle kwalaba:


Ingelosi yaphendula, yathi: “Lena yimimoya emine yezulu ephumile, ibime phambi koMnuzane womhlaba wonke.


Maye, ukuhlokoma kwezizwe eziningi, zihlokoma njengokuduma kolwandle; nomsindo wokuxokozela kwabezizwe, unjengokuhlokoma kwamanzi amaningi.


Ulwandle lwenyukele eBhabhele, lwalisibekela ngamaza alo ahlokomayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite