Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 7:16 - IsiZulu 2020

16 Ngasondela komunye wababemi lapho, ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazelo yezindaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngasondela komunye wababemi khona, ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazelo yezindaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngasondela komunye wababemi khona, ngambuza iqiniso lakho konke lokhu. Kanjalo wangitshela futhi wangazisa incazelo yezinto.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 7:16
14 Referans Kwoze  

Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali. INgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, inqobile, ukuze ivule incwadi nezisicilelo zayo eziyisikhombisa.”


Ingelosi eyayikhuluma nami yaphuma-ke, kwathi enye ingelosi yeza ukuyihlangabeza.


Umfula womlilo wawugeleza uqubuka phambi kwakhe. Inkulungwane yezinkulungwane yayimkhonza, nezinkulungwane ezilishumi zezinkulungwane ezilishumi zimi phambi kwakhe; kwahlala abehluleli, izincwadi zavulwa.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine imiyalo yami, uyakuphatha endlini yami, unakekele namagceke ami; ngiyakwenza uhambe phakathi kwalaba abami lapha.


Wangiqondisa, wakhuluma nami, wathi: “Daniyeli, sengiphumele ukukuhlakaniphisa nokukuqondisa.


‘Lezo zilo ezinkulu ezine zingamakhosi amane ayakuvela emhlabeni.


Wayesesondela lapho ngangimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami, kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”


Ngayibuza ingelosi eyayikhuluma nami, ngathi: “Ziyini lezi?” Yathi kimi: “Lezi yizimpondo ezihlakaze uJuda, u-Israyeli, neJerusalema.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite