Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 6:8 - IsiZulu 2020

8 Manje, nkosi, khipha isimemezelo, ulobe umbhalo ongenakuguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kalokhu, nkosi, simemezele isiyalezo, ulobe umbhalo ukuba ungaguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Khathesi qinisa umthetho, nkosi, usayine umbhalo, ukuze ungaguquki njengomthetho wamaMede lamaPheresiya ongaguqukiyo.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 6:8
11 Referans Kwoze  

Ayesebuthana lawo madoda aya enkosini, athi kuyo: “Yazi, nkosi, ukuthi kungumthetho wamaMede namaPheresiya ukuba kungaguqulwa siyalezo nasimiso esimiswa yinkosi.”


Uma kukuhle kuwe nkosi, mawukhiphe isimemezelo sasebukhosini, sibhalwe emthethweni ukuthi uVashiti uyamenqabela ukuba aphinde angene lapho inkosi ikhona, kube wumthetho wamaPheresiya namaMediya ongaguquki, bese inkosi ithatha enye indlovukazi engcono kunaye.


Asondela phambi kwenkosi, akhuluma kuyo ngesiyalezo sayo, athi: “Awukhiphanga yini umthetho othi yilowo nalowo ocela kunoma yimuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingama-30, ngaphandle kwakho nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na?” Inkosi yaphendula yathi: “Kuyiqiniso lokho ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”


Maye, kulabo abashaya imithetho engalungile, nababhala izimiso ezikhathazayo,


Lezo zincwadi bazibhala egameni lenkosi u-Ahasheveroshi; uMoridekhayi wazifaka isisicilelo sasebukhosini. Zathunyelwa ngezigijimi ezazigibele amahhashi anejubane, ayekhuliswe esitebeleni sasebukhosini.


Kuthe ngosuku lwe-13 ngenyanga yokuqala, kwabizwa bonke onobhala benkosi. UHamani wabayala ukuba babhale konke ayebatshela khona, bakuhumushele kuzo zonke izilimi, ezincwadini eziya kuzo zonke izifundazwe, bese bekuthumelela iziphathimandla zenkosi, nababusi, nabaholi babantu, nakuzo zonke izifundazwe; kwabhalwa egameni lenkosi u-Ahasheveroshi, kwasicilelwa ngendandatho yayo.


kodwa umbhalo olotshwe egameni lenkosi wagxivizwa ngesigxivizo sasebukhosini, awusoze waguqulwa. Nokho-ke, nina nobabili ningababhalela abaJuda noma yini eniyifisayo; ningayibhala egameni lami, nifake isisicilelo sasebukhosini.”


U-Esteri waphinda wakhuluma nenkosi, wakhothamela ezinyaweni zayo, wakhala, wayincenga ukuba ibuguqule kubantu bakubo ububi uHamani, umAgagi, ayebucebe ngabo.


Izulu nomhlaba kuyakudlula, kodwa amazwi ami awasoze adlula.


PERES: umbuso wakho wahlukene, unikelwe kumaMede namaPheresiya.”


Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo, balahla umuntu ongenacala ukuba afe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite