Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 6:7 - IsiZulu 2020

7 Bonke omengameli bombuso, ababusi, izikhulu, abomkhandlu, nezinduna babonisene ukuba kumiswe isimiso senkosi, kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo kunoma yimuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingama-30, ngaphandle kwakho nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bonke abongameli bombuso, nababusi, nezikhulu, nabomkhandlu, nezinduna balulekene kanyekanye ukuba kumiswe isimiso senkosi, kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bonke abongameli bombuso, nababusi, nezikhulu, nabeluleki, nababusi, bacebisana ukuba kumiswe isimiso sobukhosi, benze isinqumo esiqinile, sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo kunoma yimuphi uNkulunkulu noma acele izinsuku ezingamashumi amathathu, ngaphandle kwakho, nkosi, iyophonswa emphandwini wezingonyama.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 6:7
25 Referans Kwoze  

Ngokuba, bheka, baqamekela impilo yami, iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko nasono kimi, Simakade.


Izikhulu, ababusi, izinduna, nabomkhandlu wenkosi babuthana, babona lawa madoda ukuthi umlilo awubanga namandla emizimbeni yawo, akuhangukanga nolulodwa unwele emakhanda awo, namayembe awo awaguqukanga, ngisho nephunga lomlilo alisondelanga kuwo.


Ongayukuwa phansi, akhuleke, uyakuphonswa ngaso leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.”


UNebukhadinezari, inkosi, wathumela, waqoqa izikhulu, ababusi, izinduna, abehluleli, abaphathizikhwama, abomkhandlu, nabameli, nabo bonke abaphathizifunda ukuba beze ekwehlukaniselweni kwesithombe uNebukhadinezari, inkosi, asimisileyo.


Baceba ukuwisa umuntu oqavileyo. Bathokozela amanga, bayabusisa ngemilomo yabo, kodwa ngengaphakathi, bayaqalekisa. Sela


Kepha abaphristi abakhulu benza uzungu lokuba babulale noLazaru,


Masinyane, ekuseni, abaphristi abakhulu, amalunga, izazimthetho nomkhandlu wonke bakha icebo, base bembopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu.


Bakha uzungu lokuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale.


AbaFarisi baphuma, bafakana imilomo ukuthi bangambhubhisa kanjani.


Sicuthisa okwebhubesi elilambile ehlozini, sethembe ukubamba ohluphekileyo, simhudulele ogibeni lwaso.


Ingonyama yadwengula okwanele amawundlu ayo, yakubamba entanyeni okwengonyamakazi yayo, yagcwalisa umgodi wayo ngenyamazana, umphandu wayo ngenyama edwenguliwe.


Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”


nokuthi ongawi phansi, akhuleke, uyakuphonswa phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.


Isihlalo sobubi singahlanganyela yini nawe, leso esisebenza okubi kungathi kusemthethweni na?


Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngogcotshiweyo kaSimakade, bathi:


Baceba nganhliziyonye, benza isivumelwano ngawe:


Yayisiyaleza inkosi, walethwa uDaniyeli, waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Sengathi uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakuhlenga.”


Wena, Simakade Nkulunkulu Wamabandla, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka ujezise zonke izizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela


Ayesekhuluma amaKhaledi enkosini ngesi-Aramu, athi: “Mana njalo, nkosi; yisho ezincekwini zakho iphupho, thina silichaze.”


UNkulunkulu wami uthumele ingelosi yakhe, yavala imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwatholakala ukuthi ngimsulwa phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angikwenzanga okubi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite