Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 6:3 - IsiZulu 2020

3 UDaniyeli wabadlula omengameli nezikhulu, ngokuba wayenekhono eledlulele; inkosi yayicabanga ukumbeka ukuba engamele umbuso wonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Khona uDaniyeli lo wabadlula abongameli nezikhulu, ngokuba umoya ophakemeyo wawukuye; inkosi yayicabanga ukummisa phezu kombuso wonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Khona-ke lo Daniyeli wakhethwa ngaphezu kwabongameli nezikhulu, ngoba umoya omuhle kakhulu wawukuye; inkosi yacabanga ukummisa phezu kombuso wonke.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 6:3
12 Referans Kwoze  

Ngizwile ngawe ukuthi umoya wonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okwedluleleyo.


Uyambona umuntu onekhono, uyosebenzela amakhosi, hhayi abantukazana.


ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo, ukwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, ukudalula izimfumbe, nokuqaqa amafindo kukuye uDaniyeli, lowo inkosi eyambiza ngokuthi nguBhelitheshazari; manje makabizwe uDaniyeli, uyakuyisho incazelo.”


UMoridekhayi, umJuda, wayengowesibili ngokwesikhundla embusweni wenkosi u-Ahasheveroshi, enamandla phakathi kwabaJuda, iningi labakubo limthanda, ngokuba wayesebenzela inhlalakahle yabantu bakubo, elwela ukuphatheka kahle kwazo zonke izizukulwane zabo.


Ekuqaleni kokunxusa kwakho izwi lavela; sengifikile ukukutshela, ngokuba uthandekile; ngalokho qonda leli lizwi, uqonde nombono.


Obamba amazwi akhe unokwazi; onomoya ozothile ungumuntu onokuqonda.


Ngabona ukuthi ukuhlakanipha kungcono kunobuwula, njengoba nokukhanya kungcono kunobumnyama.


umfowethu uHanani ngambeka ukuba engamele iJerusalema, noHananiya abe ngumengameli wenqaba, ngokuba uHananiya wayeyindoda ethembekile, emesabayo uNkulunkulu kunabaningi.


Inkosi yamemeza kakhulu ukuba kulethwe abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBhabhele: “Noma ngubani ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okubukhwebezane, afakwe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.”


Qaphelani, ningasichithi isikhathi, funa balimaze umbuso wami! Kungani kuzoyekelelwa umonakalo ukhule, ulimaze amakhosi na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite