Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 6:28 - IsiZulu 2020

28 UDaniyeli waba nempumelelo ngesikhathi sokubusa kukaDariyu, nesikaKhoresi umPheresiya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 UDaniyeli wayeseqhubeka ngesineke ekubuseni kukaDariyu, nasekubuseni kukaKoresi umPheresiya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Kanjalo uDaniyeli lo waba nempumelelo ekubuseni kukaDariyu nasekubuseni kukaKoresi umPheresiya.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 6:28
10 Referans Kwoze  

UDaniyeli wayekhona, kwaze kwaba ngunyaka wokuqala kaKhoresi, inkosi.


Ngonyaka wokuqala wokubusa kukaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuze kufezeke izwi likaSimakade alikhuluma ngomlomo kaJeremiya, uSimakade wavusa umoya kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba imemezele embusweni wayo wonke, futhi kulotshwe ukuthi:


othi ngoKhoresi: ‘Ungumelusi wami, uyakufeza konke okwentando yami, athi ngeJerusalema: liyakwakhiwa, nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa.’ ”


Ngonyaka wesithathu kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBhelitheshazari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono.


“Usho kanje uKhoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: ‘USimakade uNkulunkulu wezulu unginike yonke imibuso yomhlaba, ungiqokile ukuba ngimakhele indlu eJerusalema elikwaJuda. Noma ngubani ophakathi kwenu wabantu bakhe, uSimakade uNkulunkulu makabe naye, akhuphuke.’ ”


PERES: umbuso wakho wahlukene, unikelwe kumaMede namaPheresiya.”


Ngengalo yamandla wabasindisa abantu bakho, amadodana kaJakobe noJosefa. Sela


Wena wenza izibonakaliso nezimangaliso eGibhithe, kuze kube namuhla, nakwa-Israyeli nakwabanye abantu, wazenzela iGama kuze kube namuhla.


Ngalokho ngikhipha isimemezelo sokuba bonke abantu, izizwe, izilimi ezikhuluma okungafanele ngoNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego ziyakuhlahlelwa, izindlu zazo zenziwe incithakalo, ngokuba akekho omunye unkulunkulu ongasindisa ngale ndlela.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite