Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 6:23 - IsiZulu 2020

23 Inkosi yajabula kakhulu, yayala ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa kuwo, akutholakalanga myocu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Yayisijabula kakhulu inkosi, yayaleza ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa emphandwini, akufunyanwanga mcothu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Khona-ke inkosi yajabula kakhulu ngaye, yayala ukuba bamkhiphe uDaniyeli emgodini. UDaniyeli wakhishwa emgodini, akwafunyanwa ububi kuye, ngokuba wayekholwa kuNkulunkulu wakhe.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 6:23
18 Referans Kwoze  

Ngesikhathi ethola usizo lokulwa nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababenawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngoba ayemethemba.


Yaphendula yathi: “Bhekani, ngibona amadoda amane akhululekileyo ehamba phakathi komlilo, awafanga; eyesine ibonakala ifana nendodana yonkulunkulu.”


UJesu wayesethi kuye: “Uthi: ‘Uma unamandla!’ Konke kuyenzeka kulowo okholwayo.”


Inkosi yase iya esigodlweni sayo, yadlulisa ubusuku izila; izinsimbi ezibethwayo azilethwanga kuyo, ayizange ibuthi quthu ubuthongo.


Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo, ngokuba yethemba kuwe.


Igama likaSimakade lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


USimakade uyobasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.


Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane eThekhowa. Ngesikhathi bephuma, uJehoshafathi wasukuma, wathi: “Ngilaleleni, Juda nani zakhamuzi zaseJerusalema! Methembeni uSimakade uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa. Bethembeni abaphrofethi bakhe, niyakuphumelela.”


okwathi ngokukholwa, banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama,


Kuthe lapho inkosi isiwezwile lawo mazwi, yadabuka kakhulu, yazindla ngoDaniyeli ukuba imkhulule, yazama ukumhlenga kwaze kwaba sekushoneni kwelanga.


Kwathi uHiramu esewezwile amazwi kaSolomoni, wathokoza kakhulu, wathi: “Makadunyiswe uSimakade namuhla, ophe uDavide indodana ehlakaniphileyo ukubusa phezu kwalaba bantu abakhulu.”


UJethro wathokoza ngakho konke okuhle uSimakade ayekwenzele u-Israyeli, ebakhulula esandleni sabaseGibhithe.


Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.


Ngihlala ngihamba ezinyathelweni zikaSimakade, angikuvumeli ukuziphatha kwababi, kungehlukanise noNkulunkulu wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite