Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 5:7 - IsiZulu 2020

7 Inkosi yamemeza kakhulu ukuba kulethwe abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBhabhele: “Noma ngubani ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okubukhwebezane, afakwe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Inkosi yamemeza ngamandla ukuba kulethwe abathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBabele: “Ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okububende, abe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Inkosi yamemeza ngezwi elikhulu ukuba kulethwe ababhula ngezinkanyezi, namaKaledi, nabahlola imihlola; Inkosi yasikhuluma, yathi kwabahlakaniphileyo baseBhabhiloni: “Ofunda lo mbhalo, angazise incazelo yawo, agqokwe okubomvu, afakwe iketanga legolide entanyeni yakhe, abe ngowesithathu embusweni.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 5:7
28 Referans Kwoze  

Khona lapho uBhelishazari wathi, mabembathise uDaniyeli okubukhwebezane, bafake umgexo wegolide entanyeni yakhe, bakhiphe isimemezelo ngaye sokuthi uyakubusa engowesithathu embusweni.


Kepha ngizwile ngawe ukuthi ungakwazi ukungazisa izincazelo, usombulule le nkiyankiya. Manje-ke uma ungawufunda lo mbhalo, ungazise incazelo yawo, uyakwembathiswa okubukhwebezane, ufakwe nomgexo wegolide entanyeni yakho, ubuse ube ngowesithathu embusweni.”


Inkosi yamkhulisa uDaniyeli, yamupha izipho eziningi ezinkulu, yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBhabhele, abe ngumholi wababusi babahlakaniphileyo baseBhabhele.


Kepha uma ningazisa iphupho, nilichaza, niyakwamukela kimi izipho, imivuzo nodumo olukhulu, ngakho-ke ngitsheleni iphupho nencazelo yalo.”


Yayisiyaleza inkosi ukuba kubizwe izanusi, abathwebulayo, abalumbi, namaKhaledi ukuba bachazele inkosi amaphupho ayo. Bangena, bama phambi kwenkosi.


Ngakuvunulisa ngemvunulo kanokusho, ngakufaka amasongo ezandleni zakho nomgexo entanyeni.


Ukhathele ngenxa yobuningi bamacebo akho; mabasukume, bakusindise abadabula izulu, nababheka izinkanyezi, nabazisa ngezinyanga ezintsha, ukuthi kukuphi lapho kuzovela khona lokhu okuzokwehlela.


Wamemeza kakhulu, esho kanje, ethi: ‘Gawula isihlahla, unqume amagatsha aso, uvuthulule amaqabunga aso, uhlakaze izithelo zaso. Izilwane mazisuke phansi kwaso, nezinyoni emagatsheni aso.


Izihlathi zakho zinhle zinemicu yobuhlalu, intamo yakho inemigexo.


iyoba ngumqhele wobuhle ekhanda lakho, nomgexo entanyeni yakho.


Emveni kwalezo zinto, inkosi u-Ahasheveroshi yaqokela esikhundleni esiphezulu uHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, yamenza umengameli wazo zonke izikhulu ezikanye naye.


Bonke abantu bakwa-Israyeli bathi: “Nimbonile lowo muntu owenyukile na? Ngokuba wenyukele ukweyisa u-Israyeli; kuyakuthi umuntu ombulalayo, inkosi imcebise ngengcebo enkulu, imnike indodakazi yayo, iyenze indlu kayise ibe ngekhululekile kwa-Israyeli.”


Suka uphele lapha uphindele kini; ngathi ngizakukuhlonipha kakhulu, kodwa uSimakade wenqabile ukuba ngikuhloniphe.”


ngoba ngizokuhlonipha kakhulu, ngiyokwenzela noma yini oyifunayo. Ngiyakuncenga, woza uzongiqalekisela laba bantu.’ ”


Amalunga akwaMowabi nawakwaMidiyani ahamba ephethe ugxa, aya kuBhileyamu, afike akhuluma kuye amazwi kaBhalaki.


Ekuseni uFaro wakhathazeka emoyeni wakhe, wathumela ukuba kubizwe zonke izanusi, nazo zonke izihlakaniphi zaseGibhithe, wabatshela ngamaphupho akhe, kodwa akekho namunye owakwazi ukumchazela wona.


UFaro wayesebiza amadoda ahlakaniphileyo, abalumbi, nosomlingo baseGibhithe, nabo benza okufanayo ngemilingo yabo.


“Mawadliwe yinkemba amaKhaledi, abakhileyo eBhabhele, izikhulu zalo, nezihlakaniphi zalo.


Aqoke abafana abangenasici, ababukeka kahle, abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini, abanokuqonda ekwazini, abanamandla okukhonza endlini yenkosi; abafundise izincwadi nolimi lwamaKhaledi.


Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo, yabafumanisa bedlula kalishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.


UDaniyeli waphendula phambi kwenkosi, wathi: “Imfihlakalo eyibuzayo inkosi, abahlakaniphileyo, nabathwebulayo, nezanusi, nabahlola imihlola, bangeyibonise yona inkosi.


Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wonkulunkulu abangcwele; okwathi ngezinsuku zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okufana nokuhlakanipha kwawonkulunkulu. Inkosi uNebukhadinezari, uyihlo, yambeka waba yinduna yezanusi, eyabathwebulayo, eyamaKhaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,


Manje-ke kulethwe phambi kwami abahlakaniphileyo nabathwebulayo ukuba bafunde lo mbhalo, bangazise incazelo yawo, kepha behluleka ukungitshela incazelo yale ndaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite