Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 5:6 - IsiZulu 2020

6 Kwase kuhwaqabala ubuso bayo, imicabango yayo yayiyesabisa, kwaxega amanyonga okhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kwase kuguquka ukucwebezela kwayo, nemicabango yayo yayesabisa, zaxhega izinyonga zokhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Khona-ke ubuso benkosi bashintsha, futhi imicabango yayo yamethusa, kwaze kwaxebuka amalunga ezinkalweni zayo namadolo ayo ashayana.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 5:6
21 Referans Kwoze  

Alisenalutho, kukhala ibhungane, futhi liyincithakalo, inhliziyo iyancibilika, kushayana amadolo, izinhlungu zikhungethe lonke ukhalo, nobuso babo bonke buphaphathekile.


“Nasi-ke isiphetho sendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, ubuso bami baphaphatheka, kodwa ngayigcina leyo ndaba enhliziyweni yami.”


Zonke izandla ziyoba ntekenteke, namadolo wonke abe manzi te.


Ngase ngifikelwa yiphupho, langethusa; imicabango embhedeni wami nemibono emqondweni wami yangesabisa.


Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Ububulelani na?’ uthi kubo: ‘Kungenxa yombiko, ngokuba ngesikhathi oyakufika ngaso, zonke izinhliziyo ziyakudikibala, izandla zidangale, yonke imiphefumulo ibe buthakathaka, kugcwale amanzi emadolweni.’ Lokhu kuyeza, futhi kuyakwenzeka,” kusho iNkosi uSimakade.


Amehlo abo mawanqundeke ukuze bangaboni, izinkalo zabo ziqhaqhazele njalo.


Khona lapho uDaniyeli, ogama lakhe nguBhelitheshazari, wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathi: “Bhelitheshazari, iphupho nencazelo makungakwesabisi.” UBhelitheshazari waphendula, wathi: “Nkosi, iphupho malibe ngelabakuzondayo, nencazelo yalo ibe ngeyezitha zakho.


Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo.


Khona uNebukhadinezari wathukuthela wafa, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa kaShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sibaselwe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okwejwayeleke ukuba sibaselwe ngakho.


Ngonyaka wesibili wokubusa kukaNebukhadinezari, uNebukhadinezari waphupha amaphupho; umoya wakhe wakhathazeka, wayeseqwasha.


Qinisani izandla eziyethileyo, niqinise amadolo axegayo.


Akukho noyedwa oyokhathala, akhubeke kuso; akekho oyokozela, alale; ibhande ezinkalo zabo aliyuqaqeka, nomchilo ezicathulweni zabo awuyukugqabuka,


Ngichithiwe njengamanzi; kuxega wonke amalungu ami. Inhliziyo yami incibilika njengengcina ezibilini zami.


Ngaso leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu, yaloba maqondana nothi lwezibani, emgudulweni wodonga lwesigodlo senkosi; inkosi yabona ingxenye yesandla esasiloba.


Inkosi yaseBhabhele izwile ngodumo lwabo, izandla zayo zaba buthakathaka; usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite