Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 4:8 - IsiZulu 2020

8 Kepha kwathi ekugcineni kweza kimi uDaniyeli, ogama lakhe nguBhelitheshazari, okuyigama elifana nelikankulunkulu wami, okukuye umoya wonkulunkulu abangcwele; ngamtshela iphupho, ngathi:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kodwa ngasekugcineni kwangena uDaniyeli phambi kwami ogama lakhe linguBeliteshasari njengegama likankulunkulu wami, okuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ngamtshela iphupho, ngathi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha ekugcineni wangena phambi kwami uDaniyeli ogama lakhe lalinguBelitshasari njengegama likankulunkulu wami, okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ngalandisa iphupho phambi kwakhe, ngathi:

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 4:8
14 Referans Kwoze  

Induna yabathenwa yabaqamba amagama; uDaniyeli yamqamba ngokuthi uBhelitheshazari, uHananiya waba nguShadiraki, uMishayeli waba nguMeshakhi, no-Azariya waba ngu-Abhedi Nego.


Ngizwile ngawe ukuthi umoya wonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okwedluleleyo.


“Leli phupho ngalibona mina, Nebukhadinezari. Wena-ke Bhelitheshazari, yisho incazelo yalo, ngokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami abakwazanga ukungitshela incazelo, kepha wena ungakwenza lokho, ngokuba umoya wonkulunkulu abangcwele ukuwe.”


“Bhelitheshazari, wena nduna yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wonkulunkulu abangcwele ukuwe nokuthi awukhathazwa mfihlakalo, ngitshele imibono yephupho lami engilibonileyo nencazelo yalo.


Futhi kuyinto elukhuni eyifunayo inkosi, akekho omunye ongayembula phambi kwenkosi ngaphandle kwawonkulunkulu abangahlali nabasenyameni.”


“Memezelani, nihlabe umkhosi phakathi kwezizwe, niphakamise ibhanela, nikumemezele lokhu ningakufihli, nithi: ‘IBhabhele liyakunqotshwa, uBheli athelwe ngehlazo, uMerodakhi abhujiswe, izithombe zalo zithelwe ngehlazo, imifanekiso yalo ibhujiswe.’


Abantu bakhe base bekhumbula izinsuku zakuqala zikaMose, bathi: uphi lowo owabakhipha olwandle nabelusi bomhlambi wakhe na? Uphi lowo owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,


UBheli uyaguqa, uNebho uyakhothama; izithombe zabo ezibaziweyo zingezezilwane nezezinkomo; lezi zinto enizithweleyo zingumthwalo onzima ezilwaneni ezikhatheleyo.


UFaro wazibuza izinceku wathi: “Singamtholaphi umuntu onjalo, onoMoya kaNkulunkulu na?”


Inkosi yaphendula, yathi kuDaniyeli, ogama lakhe lalinguBhelitheshazari: “Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazelo yalo na?”


UNebukhadinezari wathi kuwo: “Nenze ngamabomu yini, Shadirakhi, Meshakhi, no-Abhedi Nego ukuba ningabahloniphi onkulunkulu bami, ningakhuleki esithombeni segolide engisimisileyo na?


ngilitshale esicongweni sentaba yakwa-Israyeli; lihlume amagatsha, lithele izithelo, libe ngumsedari omuhle; kuhlale phansi kwamagatsha awo zonke izinyoni ezinhlobonhlobo, zihlale emthunzini wamagatsha awo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite