Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 4:6 - IsiZulu 2020

6 Ngakho-ke, ngakhipha isimemezelo sokuba balethwe phambi kwami bonke abahlakaniphileyo baseBhabhele, ukuze bangazise incazelo yephupho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngalokho ngakhipha isimemezelo sokuba kulethwe bonke abahlakaniphileyo baseBabele phambi kwami, ukuze bangazise incazelo yephupho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngase ngikhipha umyalo wokuba kulethwe phambi kwami bonke abahlakaniphileyo baseBabele ukuba bangazise ingcazelo yephupho.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 4:6
10 Referans Kwoze  

Yayisiyaleza inkosi ukuba kubizwe izanusi, abathwebulayo, abalumbi, namaKhaledi ukuba bachazele inkosi amaphupho ayo. Bangena, bama phambi kwenkosi.


Uma bethi kini: “Hambani nihlole kwabanamadlozi nabanemimoya, abahhumuzelayo, banyenyeze,” kanti isizwe akumele yini sibuze kuNkulunkulu waso na? Singabahlolela yini abaphilayo,


UFaro wayesebiza amadoda ahlakaniphileyo, abalumbi, nosomlingo baseGibhithe, nabo benza okufanayo ngemilingo yabo.


Inkosi yamemeza kakhulu ukuba kulethwe abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBhabhele: “Noma ngubani ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okubukhwebezane, afakwe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.”


Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.


Inkosi yamkhulisa uDaniyeli, yamupha izipho eziningi ezinkulu, yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBhabhele, abe ngumholi wababusi babahlakaniphileyo baseBhabhele.


Nokho, ushiye isiqu sezimpande zaso emhlabathini, sinesibopho sensimbi nesethusi, otshanini basendle, simanziswe ngamazolo ezulu, isabelo saso sinesezilwane otshanini bomhlaba.


Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wonkulunkulu abangcwele; okwathi ngezinsuku zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okufana nokuhlakanipha kwawonkulunkulu. Inkosi uNebukhadinezari, uyihlo, yambeka waba yinduna yezanusi, eyabathwebulayo, eyamaKhaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite