Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 4:34 - IsiZulu 2020

34 Ngasekugcineni kwezinsuku mina, Nebukhadinezari ngaphakamisela amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade. Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade, nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Ngasekugcineni kwezinsuku mina Nebukadinesari ngaphakamisa amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade. Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade, nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Ngasekugcineni kwezinsuku mina, Nebukadinesari, ngaphakamisela amehlo ami ezulwini, nokuqonda kwami kwabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamdumisa yena ophila kuze kube phakade, ombuso wakhe ungumbuso ophakade, nokubusa kwakhe kungokwesizukulwane ngezizukulwane;

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 4:34
57 Referans Kwoze  

amalunga angama-24 awe phansi, athi mbo ngobuso phansi, phambi kwakhe ohleli esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade, aphonse imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:


Ngezwa umuntu owayembethe ilineni, ephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nengxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.


“Ezinsukwini zalawo makhosi, uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa, nobukhosi bawo obungeke bushiyelwe abanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.


Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade, ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.


“Ngibeka umthetho wokuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, “ngokuba unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade. Umbuso wakhe yiwo ongayikubhujiswa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube phakade.


uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”


uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyukuphela.”


waxoshwa kubantwana babantu. Inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, wahlala nezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka amthandayo phezu kwayo.


Njengalokho bayaleza ukuba kushiywe isiqu sezimpande zesihlahla, umbuso wakho uyakuqina kuwe, lapho usufundile ukuthi izulu liyabusa.


Nguye kuphela ongafiyo, ohlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongakaze abonwe muntu, futhi ongebonwe. Makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.


Ngiyakwenza abaqhugayo babe yinsali, nabayiswe emajukujukwini babe yisizwe esinamandla. USimakade uyakubabusa entabeni iZiyoni, kusukela manje kuze kube phakade.


Maye, zinkulu kangakanani izibonakaliso zakhe! Maye, zinamandla izimangaliso zakhe! Umbuso wakhe ngumbuso ongunaphakade, nokubusa kwakhe kungokwezizukulwane ngezizukulwane.


Ngabe okuhle nokubi akwenzeki yini ngokuyala koPhezukonke na?


Ngakho-ke empumalanga mdumiseni uSimakade, emazweni asogwini likhazimuliseni igama likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


USimakade ubusa kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, wena Ziyoni, izizukulwane ngezizukulwane. Haleluya!


Ngizowaphakamisela kuwe amehlo ami, Wena ohleli ezulwini.


Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni, usizo lwami luyakuvelaphi na?


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Ngithi: “Nkulunkulu wami, uze ungangithathi ngisemncane, Wena ominyaka yakho ihlezi izizukulwane ngezizukulwane.


Kuhle ukubonga uSimakade, nokuhubela igama lakho, Wena oPhezukonke,


USimakade uyobusa ingunaphakade, abezizwe babhujiswe ezweni lakho.


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Manje kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, nengabonwayo; uNkulunkulu munye, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo neNdodana uyiphile ukuba ibe nokuphila ngokwayo.


“Kepha umthelisi wema kude engafuni ngisho nokuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa wazithoba ezisola, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’


Wanikwa ukubusa, ubukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe, nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayukuphela, nombuso wakhe yiwo ongayukubhujiswa.


Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzifeze izithembiso zakho kuye Ophezukonke,


Ngiyakuthokoza, ngethabe kuwe; ngilihubele igama loPhezukonke.


Ngizokumnika uSimakade izibongo ezifanele ukulunga kwakhe, ngilihubele indumiso igama likaSimakade Ophezukonke.


wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.”


yafunga Yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu nakho konke okukulo, umhlaba nakho konke okukuwo, nolwandle nakho konke okukulo, yathi: “Akusayukuba bikho kubambezeleka.


Kwakuthi lapho izidalwa zimdumisa zimbonga ohleli esihlalweni sobukhosi, Yena ophilayo kuze kube phakade naphakade,


Kube kuhle kimi ukuba nginazise ngezibonakaliso nezimangaliso uNkulunkulu oPhezukonke azenzileyo kimi.


Ngaso leso sikhathi wabuyela kimi umqondo wami, nobukhosi bami, nobuhle bami babuyela kimi, kwaba ludumo lombuso wami; abomkhandlu wami nezinduna zami bangifuna; ngase ngibekwa embusweni wami, kwenezelelwa ubukhulu obedluleleyo kimi.


“E, nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukhadinezari uyihlo umbuso, ubukhulu, udumo, nobukhosi.


Umbuso, ukubusa, nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke. Umbuso wakhe kuyakuba ngumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’


Amatilosi akhuleka kuSimakade, athi: “Ungasibhubhisi Simakade, ngenxa yale ndoda. Ungasisoli ngokuthi sibulele umuntu ongenacala; siyazi ukuthi Wena unguSimakade, wenza njengokuthanda kwakho.”


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.


Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaSimakade lihlanzekile; Yena uyisihlangu sabo bonke abaphephela kuye.


UDavide wayesemdumisa uSimakade phambi kwebandla lonke, wathi: “Mawubongwe Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, ubaba, kuze kube phakade.


Ngalokho-ke, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyalidumisa igama lakho elitusekayo.


Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade. Amehlo akhe aqaphe izizwe, abanenkani bangaziphakamisi.


Imisebenzi yezandla zakhe yethembekile, futhi ilungile, yonke imithetho yakhe iqinisekile,


Amehlo omuntu oziphakamisayo azakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kufojiswe; nguSimakade kuphela oyophakama ngalolo lusuku.


Umhlaba ngiyokuwujezisela iziphambeko zawo, nezikhohlakali, izono zazo, ngiyoqeda ukuzidla kwabaphakameyo, ngikuqede ukwedelela kwabacindezeli.


USimakade uyilungiselele inhlekelele, wayeseyehlisela kithi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, kodwa asililalelanga izwi lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite