Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 4:32 - IsiZulu 2020

32 uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Bayokuxosha kubantu, indawo yakho yokuhlala ibe kanye nezilwane zasendle; bayakukudlisa utshani njengezinkomo, kudlule kuwe izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa embusweni wabantu, uwunike lowo athanda ukumnika wona.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 4:32
22 Referans Kwoze  

waxoshwa kubantwana babantu. Inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, wahlala nezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka amthandayo phezu kwayo.


Mina ngenzile umhlaba, abantu nezilwane; okusebusweni bomhlaba; ngamandla ami amakhulu, nangezikhwepha zami, futhi ngikunika noma ngubani othandekayo emehlweni ami.


ukuze bonke abantu emhlabeni bazi ukuthi isandla sikaSimakade sinamandla, nokuba bamesabe uSimakade uNkulunkulu zonke izinsuku.”


UMose wathi kuye: “Lapho nje ngiphuma emzini ngizokwelulela izandla zami kuSimakade; ukuduma kuzophela, singabe sisehla nesichotho, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaSimakade.


Wathi: “Kusasa.” UMose wayesethi: “Makube njengalokhu ushilo ukuze wazi ukuthi akekho noyedwa ofana noSimakade uNkulunkulu wethu.


Manje, Simakade Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuze yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi Wena wedwa, unguSimakade.”


Ngokuba kulesi sikhathi ngizothumela zonke izinhlupheko zami enhliziyweni yakho, kweyezinceku zakho, nakweyabantu bakho, ukuze nazi ukuthi akekho onjengami emhlabeni wonke.


Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama, nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezifihlakeleyo, ukuba wazi ukuthi nginguSimakade okubiza ngegama lakho, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Wakhuleka kuye, wamncenga; wakuzwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela futhi eJerusalema embusweni wakhe. UManase wayesazi ukuthi uSimakade nguye onguNkulunkulu.


uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;


Kwathi nje izwi lisesemlonyeni wenkosi, kwase kwehla ezulwini izwi, lithi: “We nkosi Nebukhadinezari, kukhulunyiwe kuwe kwathiwa: umbuso usukile kuwe;


Bheka, uyabamba, ngubani ongamkhalima na? Ngubani oyakusho kuye, athi: ‘Wenzani na?’


“Ngiyazi ukuthi ungakwenza konke, icebo lakho alinakuvinjwa.


UNkulunkulu wethu usezulwini, wenza konke ngokuthanda kwakhe.


Noma yini uSimakade ayithandayo uyayenza, ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.


Impela, izizwe zinjengethonsi esitsheni, zifana nothuli esikalini; uyakuphakamisa iziqhingi njengothuli olucolisekileyo.


Zonke izizwe ziyinto engelutho phambi kwakhe, uzithatha njengento engelutho neyize.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite