Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 4:16 - IsiZulu 2020

16 Inhliziyo yakhe iyakuguqulwa ingabi ngeyomuntu, aphiwe inhliziyo yesilwane, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 inhliziyo yakhe iyakuguqulwa ingabi ngeyomuntu, aphiwe inhliziyo yesilwane, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Inhliziyo yakhe mayiguqulwe ingabi ngeyomuntu, anikwe inhliziyo yesilwane; nidlule phezu kwakhe kasikhombisa.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 4:16
13 Referans Kwoze  

“Njengalokho inkosi yabona umlindi ongcwele ehla evela ezulwini, ethi: ‘Gawula isihlahla, usibhubhise, kodwa ushiye isiqu sezimpande zaso emhlabathini, sinesibopho sensimbi nesethusi otshanini basendle, simanziswe ngamazolo ezulu; isabelo saso sinesezilwane zasendle, kuze kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwaso.’


Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe, lapho enakekelwa khona isikhathi nezikhathi, nengxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka.


sokuthi uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.


Yenza inhliziyo yalaba bantu ibe lukhuni, izindlebe zabo zibe buthuntu; ufiphaze amehlo abo, funa babone ngamehlo abo, bezwe ngezindlebe zabo, baqonde ngenhliziyo yabo, babuye, baphiliswe.”


Wona ayobhubha, kodwa Wena umi njalo, wona wonke ayoguga njengengubo.


Ngezwa umuntu owayembethe ilineni, ephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nengxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.


Inkosi yasenyakatho iyakubuya, iveze isixuku esikhulu kunesokuqala, ifike nokufika ngasekupheleni kwezikhathi eziyiminyaka nempi enkulu nempahla eningi.


Iyakukhuluma amazwi amelene noPhezukonke, ibakhathaze abangcwele bakhe; icabange ukuguqula izikhathi ezimisiweyo nomthetho. Bayakunikelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi, nezikhathi, nengxenye yesikhathi.


Inkosi yathi kumKhushe: “Kuhamba kahle yini ngensizwa u-Absalomu,na?” UmKhushe wathi: “Izitha zenkosi yami, inkosi, nabo bonke abayivukelayo mababe njengaleyo nsizwa.”


“Nasi-ke isiphetho sendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, ubuso bami baphaphatheka, kodwa ngayigcina leyo ndaba enhliziyweni yami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite