Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 4:14 - IsiZulu 2020

14 Wamemeza kakhulu, esho kanje, ethi: ‘Gawula isihlahla, unqume amagatsha aso, uvuthulule amaqabunga aso, uhlakaze izithelo zaso. Izilwane mazisuke phansi kwaso, nezinyoni emagatsheni aso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wamemeza ngamandla, washo kanje, wathi: ‘Gawula umuthi, unqume amagatsha awo, uvuthulule amaqabunga awo, uhlakaze izithelo zawo; izilwane mazisuke phansi kwawo, nezinyoni emagatsheni awo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Gawulani umuthi, ninqume amagatsha awo, niwasuse amaqabunga, nihlakaze izithelo zawo; izilwane maziphume ngaphansi kwawo, nezinyoni emagatsheni awo.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 4:14
19 Referans Kwoze  

Izembe selibekiwe empandeni yemithi, ngakho-ke yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.


“Njengalokho inkosi yabona umlindi ongcwele ehla evela ezulwini, ethi: ‘Gawula isihlahla, usibhubhise, kodwa ushiye isiqu sezimpande zaso emhlabathini, sinesibopho sensimbi nesethusi otshanini basendle, simanziswe ngamazolo ezulu; isabelo saso sinesezilwane zasendle, kuze kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwaso.’


“Izembe selivele libekiwe ezimpandeni zemithi, ngakho-ke yonke imithi engatheli isithelo esihle, iyakunqunywa, iphonswe emlilweni.”


Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni.


Amaqabunga aso ayemahle, nezithelo zaso ziziningi, kukhona kuso ukudla kwabo bonke. Izilwane zasendle zazinomthunzi phansi kwaso, izinyoni zezulu zihlala emagatsheni aso, nabantu bonke babondliwa yiso.


Kwase kumemeza ngamandla ohlaba umkhosi, wathi: “We nina bantu nezizwe, nabezilimi ezehlukene, niyayalwa


Yamemeza ngezwi elikhulu, yathi: “Liwile, liwile iBhabhiloni elikhulu, seliphenduke indawo ehlala amadimoni, nejele layo yonke imimoya engcolileyo, nazo zonke izinyoni ezingcolileyo nezinengekayo, nazo zonke izilwane ezingcolile nezinengekayo.


yamemeza ngezwi elikhulu elinjengokubhodla kwengonyama, lapho imemeza, imidumo eyisikhombisa yakhuluma ngamaphimbo ayo.


Kepha lapho ezikhukhumeza enhliziyweni yakhe, nomoya wakhe uba lukhuni esezidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, balususa udumo lwakhe kuye;


“Ngabe silelaphile iBhabhele, kodwa alelapheki, lishiyeni, masihambe, kube yilowo nalowo aye ezweni lakubo, ngokuba ukwehlulelwa kwalo kufinyelela ezulwini, kuphakanyiselwe nasemafini.


“Balekani eBhabhele, kube yilowo nalowo asindise impilo yakhe, ningabhujiswa ngenxa yokona kwalo, ngokuba yisikhathi sempindiselo kaSimakade, uyakuphindisela kulo.


Isibeletho siyabakhohlwa, basobozelwe yizimpethu, abasayukukhunjulwa, ukungalungi kwephulwa njengesihlahla.


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Njengoba ubuphakeme ngobude, wafinyelelisa isihloko sawo phakathi kwamafu, nenhliziyo yawo yazikhukhumeza ngenxa yokuphakama kwawo,


Mina ngenzile umhlaba, abantu nezilwane; okusebusweni bomhlaba; ngamandla ami amakhulu, nangezikhwepha zami, futhi ngikunika noma ngubani othandekayo emehlweni ami.


uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;


Ngasekupheleni kwezinyanga ezili-12 wayehamba endlini yamakhosi eBhabhele.


waxoshwa kubantwana babantu. Inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, wahlala nezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka amthandayo phezu kwayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite