Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 3:8 - IsiZulu 2020

8 Ngaso leso sikhathi kwasondela amadoda amaKhaledi, otha abaJuda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngalokho kwasondela ngaleso sikhathi amadoda amaKaledi, ahleba abaJuda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kungakho amaKaledi athile asondela ngaleso sikhathi asola amaJuda.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 3:8
14 Referans Kwoze  

Kepha thina siyathanda ukuzwa ukuthi ucabangani, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”


AmaKhaledi aphendula phambi kwenkosi, athi: “Akukho muntu emhlabeni ongaboniswa indaba yenkosi, ngokuba akukho nkosi, nanduna, nambusi owake wabuza indaba enjalo nakwesisodwa isanusi, nothwebulayo, namaKhaledi.


Wakubona kungenele ukuthi enzakalise uMoridekhayi kuphela, ngoba wayesezwile ukuthi ungumJuda, wenza icebo lokubulala bonke abaJuda, abantu bakubo kaMoridekhayi ababehlala embusweni ka-Ahasheveroshi.


Aqoke abafana abangenasici, ababukeka kahle, abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini, abanokuqonda ekwazini, abanamandla okukhonza endlini yenkosi; abafundise izincwadi nolimi lwamaKhaledi.


Yayisiyaleza inkosi ukuba kubizwe izanusi, abathwebulayo, abalumbi, namaKhaledi ukuba bachazele inkosi amaphupho ayo. Bangena, bama phambi kwenkosi.


Ngalokho lapho abantu bezwa ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, nogubhu, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo; bonke abantu, izizwe, nezilimi bawa phansi, bakhuleka esithombeni segolide asimisileyo uNebukhadinezari, inkosi.


Kwase kufika izanusi, abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola, ngabatshela iphupho, kodwa bahluleka ukungichazela lona.


Lokho-ke kwenza ukuthi omengameli nezikhulu bafune ukuthola utho olubi ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholakalanga siphosiso nankohlakalo kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite