Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 3:29 - IsiZulu 2020

29 Ngalokho ngikhipha isimemezelo sokuba bonke abantu, izizwe, izilimi ezikhuluma okungafanele ngoNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego ziyakuhlahlelwa, izindlu zazo zenziwe incithakalo, ngokuba akekho omunye unkulunkulu ongasindisa ngale ndlela.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Ngalokho ngikhipha isimemezelo sokuba bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhuluma okungafanele ngoNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego ziyakuhlahlelwa, izindlu zazo zenziwe iquba, ngokuba akakho omunye unkulunkulu ongophula ngale ndlela.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Ngalokho ngiyaleza ukuba bonke abantu, nezizwe, nezilimi, abakhuluma okubi ngoNkulunkulu kaShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego, banqunywe izicucu, izindlu zabo zenziwe iquba, ngokuba akakho omunye uNkulunkulu olandela lolu hlobo angahlenga.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 3:29
17 Referans Kwoze  

Inkosi yaphendula, yathi kumaKhaledi: “Izwi liphumile kimi lokuthi uma ningangazisi iphupho nencazelo yalo, niyakuhlahlelwa, izindlu zenu zibe yincithakalo.


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Impela idwala labo alifani neDwala lethu; nezitha zethu ziyakuvuma lokho.


UNebukhadinezari wakhuluma, wathi: “Makabongwe uNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego, othumele ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki nakoyedwa unkulunkulu, kuphela uNkulunkulu wazo, zalishaya indiva izwi lenkosi.


Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.


Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, ugubhu, igemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngaso leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu onganophula esandleni sami na?”


Insindiso ingekaSimakade; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela


“Ngiyaniyala ngithi: uma kukhona oyoguqula lo mthetho engiwushayile, kuyokhishwa ibhanuko emshayweni wendlu yakhe, ajojwe ngalo, umuzi wakhe ube ngumquba.


Babhidliza insika engcwele kaBhali, badiliza indlu kaBhali, bayenza yaba yindlu yendle, kuze kube namuhla.


Induna yabathenwa yabaqamba amagama; uDaniyeli yamqamba ngokuthi uBhelitheshazari, uHananiya waba nguShadiraki, uMishayeli waba nguMeshakhi, no-Azariya waba ngu-Abhedi Nego.


Inkosi yakhuluma nabo; phakathi kwabo bonke akufunyaniswanga muntu onjengoDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya, ngenkathi sebemi phambi kwenkosi.


UDaniyeli wayeseya endlini yakhe, watshela uHananiya, uMishayeli, no-Azariya, abangani bakhe, le ndaba


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, njengalokhu ukwazile ukwambula le mfihlakalo.”


UDaniyeli wacela enkosini, yabeka oShadirakhi, noMeshakhi, no-Abhedi Nego phezu kwezindaba zesifunda saseBhabhele, kepha uDaniyeli wayesesangweni lenkosi.


Kukhona amadoda abaJuda, owabeke ukuba aphathe isifunda eBhabhele: uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego; lawa madoda, nkosi, awawunakanga umyalo wenkosi; awabakhothameli onkulunkulu bakho, awakhuleki esithombeni segolide osimisileyo.”


UDaniyeli waba nempumelelo ngesikhathi sokubusa kukaDariyu, nesikaKhoresi umPheresiya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite