Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 3:18 - IsiZulu 2020

18 Kepha noma kungenjalo, makwazeke kuwe nkosi ukuthi asiyukukhonza onkulunkulu bakho, asiyukukhuleka esithombeni segolide osimisileyo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kepha noma kungenjalo, makwazeke kuwe nkosi ukuthi asiyikukhonza onkulunkulu bakho, ngeke sakhuleka esithombeni segolide osimisileyo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kepha uma kungenjalo, makwazeke kuwe, nkosi, ukuthi asiyikukhonza onkulunkulu bakho, sikhuleke esithombeni segolide osimisileyo.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 3:18
20 Referans Kwoze  

Ofumana ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukufumana.


Bamnqobile ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, ngokuba abathandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uSimakade, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu besengaphesheya komfula, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uSimakade.”


UNebukhadinezari wakhuluma, wathi: “Makabongwe uNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego, othumele ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki nakoyedwa unkulunkulu, kuphela uNkulunkulu wazo, zalishaya indiva izwi lenkosi.


Izikhohlakali zibaleka noma kungekho ozixoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Uzongibulala, angisenathemba, ngizozivikela izindlela zami, ngilubeke udaba lwami phambi kwakhe.


Kepha uPhethro noJohane babaphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu,


“ ‘Aniyukuphendukela konkulunkulu abayize, aniyukuzenzela izithombe ezakhiwe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni.


Kepha waphendula, wathi kubo: “Nxa sekuhlwile nithi: ‘Liyobe lisile, lokhu izulu libhejile;’


kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze okwesikhashana esonweni,


Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, ngokuba abantu bakwa-Israyeli basilahlile isivumelwano sakho, badilize ama-althare akho, babulala abaphrofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.”


Ngiyakushiya kwa-Israyeli abayizi-7 000, bonke abamadolo abo engazange aguqe kuBhali nemilomo yabo yonke engazange imange.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite