Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 3:15 - IsiZulu 2020

15 Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, ugubhu, igemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngaso leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu onganophula esandleni sami na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu oyakunikhulula ezandleni zami na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Futhi lapho senilungile ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu, nehabhu, nehabhu, nehabhu, nempumputhe, nazo zonke izinhlobo zezinsimbi zomculo, niwela phansi nikhuleke esithombeni engiwenzile; yebo, kodwa uma ningakhuleki, ngaso leso sikhathi niyophonswa phakathi kwesithando somlilo esivuthayo; futhi ngubani uNkulunkulu oyakunikhulula esandleni sami na?

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 3:15
25 Referans Kwoze  

Kodwa uPhethro nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.


Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.


Ngobani phakathi konkulunkulu bamazwe abake bophula izwe labo esandleni sami, ukuba nicabange ukuthi uSimakade angalophula iJerusalema esandleni sami na?”


Kepha uFaro wathi: “Ungubani uSimakade ukuthi ngingalalela izwi lakhe, ngivumele u-Israyeli ahambe na? Angimazi uSimakade, futhi anginakumdedela u-Israyeli ahambe.”


Kepha uPhethro noJohane babaphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu,


Uma beniqhuba, benikhaphela, ningaqali nikhathazeke ngokuthi niyakuthini, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi kukhulumeni, ngokuba akunina enikhulumayo, kodwa nguMoya oNgcwele.


Yayisiyaleza inkosi, walethwa uDaniyeli, waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Sengathi uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakuhlenga.”


Bonke ababesemkhandlwini bamgqolozela uStefani, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.


mhlawumbe ungase uthele ngonyaka ozayo, kodwa-ke uma kungenjalo, uyowunquma.’ ”


“Uma benihudulela emasinagogweni nakubabusi neziphathimandla ukuba nehlulelwe, ningakhathazeki ukuthi niyakuphendula kanjani, nokuthi niyakuthini.


Kwathi lapho inkosi isisondele kuwo kuDaniyeli, yamemeza ngezwi elinosizi; yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Daniyeli, nceku kaNkulunkulu ophilayo, ngabe uNkulunkulu wakho omkhonza njalo ukwazile yini ukukuhlenga ezingonyameni na?”


Ngubani lona omedelelile, nomethukile na? Ngubani lona omphakamisele izwi lakho, nobhekisa amehlo akho phezulu, umqhoshela na? Ngabe ukwenza lokhu koNgcwele ka-Israyeli!


Nokho ngiyakunxusa ukuba uthethelele isono sabo; uma ungabathetheleli, ngesule encwadini yakho oyibhalileyo.”


Wethembele kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ”


“Kepha kuyakuthi nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma nithini, ngokuba niyakuphiwa ngaleso sikhathi eniyakukukhuluma.


lokuthi uma ningangazisi iphupho, umthetho munye nje ngani, ngokuba nilungisile amazwi amanga nawonakeleyo okukhuluma phambi kwami, kuze kuguquke isikhathi: ngalokho ngitsheleni iphupho, ukuze ngazi ukuthi ningangibonisa incazelo yalo.”


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, njengalokhu ukwazile ukwambula le mfihlakalo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite