Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 2:49 - IsiZulu 2020

49 UDaniyeli wacela enkosini, yabeka oShadirakhi, noMeshakhi, no-Abhedi Nego phezu kwezindaba zesifunda saseBhabhele, kepha uDaniyeli wayesesangweni lenkosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

49 UDaniyeli wacela enkosini, yabeka oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego phezu kwezindaba zesifunda saseBabele, kepha uDaniyeli wayesesangweni lenkosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

49 UDaniyeli wayeseyicela enkosini, yabeka oShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego phezu kwezindaba zesifunda saseBabele; kodwa uDaniyeli wayehlezi esangweni lenkosi.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 2:49
12 Referans Kwoze  

Induna yabathenwa yabaqamba amagama; uDaniyeli yamqamba ngokuthi uBhelitheshazari, uHananiya waba nguShadiraki, uMishayeli waba nguMeshakhi, no-Azariya waba ngu-Abhedi Nego.


Lapho izintombi ziqoqwa okwesibili, uMoridekhayi wayehleli esangweni lenkosi.


Zondani okubi, nithande okuhle; niqinise ubulungiswa esangweni, hleze uSimakade uNkulunkulu Wamabandla ayihawukele insali kaJosefa.”


Ngelinye ilanga uMoridekhayi ehleli esangweni lesigodlo, uBhigithana noThereshi, abathenwa ababili ababeqapha isango lendlu yenkosi, babenokukhononda ngenkosi, ngakho-ke benza uzungu lokuyibulala.


UDaniyeli wayeseya endlini yakhe, watshela uHananiya, uMishayeli, no-Azariya, abangani bakhe, le ndaba


Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.


Zonke izikhulu zenkosi yaseBhabhele zangena, zahlala esangweni eliphakathi nendawo: kwakunguNerigali Sarezeri, uSamigari Nebho, uSaresekimi induna yezinceku, uNerigali Sarezeri induna yabaphristi, nazo zonke ezinye izikhulu zenkosi yaseBhabhele.


Lapho abaqotho bethokoza, kuba nodumo olukhulu, kodwa uma izikhohlakali ziphakama, abantu bayacasha.


Zonke izikhulu zenkosi ezazisesangweni layo zaziguqa, zikhothamele uHamani njengokusho kwenkosi. UMoridekhayi nokho akazange amguqele noma amkhothamele uHamani.


Phezu kwazo wabeka omengameli abathathu, uDaniyeli engomunye wabo, ukuba izikhulu zibike kubo, ukuze inkosi ingasweli lutho.


UNebukhadinezari, inkosi, wenza isithombe segolide, ubude baso bungamakhubhithi angama-60, ububanzi baso bungamakhubhithi ayisithupha; wasimisa ethafeni eDura esifundeni eBhabhele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite