Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 2:46 - IsiZulu 2020

46 Inkosi uNebukhadinezari yayisiwa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayaleza ukuba banikele ngomnikelo nangempepho kuye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

46 Inkosi uNebukadinesari yayisiwa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayaleza ukuba banikele ngomnikelo nangempepho kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

46 Inkosi uNebukadinesari yawa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayala ukuba balethe kuye umnikelo womlilo namakha amnandi.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 2:46
12 Referans Kwoze  

Kwasuka umphristi kaZeyusi, othempeli lakhe lalingaphandle komuzi, waletha izinkunzi nemigexo yezimbali ngasesangweni lomuzi, ekanye nezixuku, efuna ukubahlabela.


Kuthe uPhethro esezofika khona, uKhorneliyu wamhlangabeza, wawa ngobuso, wathi mbo phansi ngasezinyaweni zikaPhethro, wakhuleka.


ukuze banikele iminikelo emthokozisayo uNkulunkulu wasezulwini, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.


Mina Johane nginguye owezwa, nowabona lezi zinto. Kuthe sengizwile, ngabona, ngathi mbo phansi ngobuso ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombise lezo zinto.


Ngawa phansi phambi kwezinyawo zayo, ngakhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Ungakwenzi lokho; ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu, ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuphrofetha.”


Ngiyakuyenza imizi yenu ukuba ibhidlizwe, ngizenze izindawo zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angiyukuhogela unqambothi lwephunga lenu elimnandi.


Amalunga angama-24 ayehleli phambi kukaNkulunkulu ezihlalweni zawo zobukhosi, akhothama athi mbo ngobuso bawo, akhuleka kuNkulunkulu,


Babheka belindele ukuthi usazovuvuka noma afumbeke phansi ngokushesha, afe, kodwa sebelinde isikhathi eside, bebona engehlelwa ngozi, base beguqula umqondo, bathi ungunkulunkulu.


Yakhothama, yathi mbo ngobuso ngasezinyaweni zikaJesu, imbonga; yayingumSamariya.


ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igenkle, ihabhu, umqangala, ugubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa; niwe phansi, nikhuleke esithombeni segolide uNebukhadinezari, inkosi, asimisileyo.


Ngalokho lapho abantu bezwa ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, nogubhu, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo; bonke abantu, izizwe, nezilimi bawa phansi, bakhuleka esithombeni segolide asimisileyo uNebukhadinezari, inkosi.


Wayesesondela lapho ngangimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami, kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite